Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Bancele kogwansile abahlanganiswe namaBokke esifazane

Xolile Mpisane|Published

ABADLALI bombhoxo abasebancane abathole ithuba lokuxoxa nabamaBhokobhoko esifazane.

Image: SITHUNYELWE

IMPUMELELO yakamuva yamaBhokobhoko yinto okufanele inconywe futhi isetshenziselwe ukukhuthaza izizukulwane ezizayo.

Yize ingakabibikho iligi yabesifazane ekhokhelayo kuleli, iqembu lakuleli likwazile ukufinyelela kuma-quarterfinal eNdebe Yomhlaba okokuqala ngqa emqhudelwaneni osanda kusongwa e-England, lakhombisa ukuthi lingazuza okukhulu uma lesekwa ngendlela efanele.

Abadlali bamaBhokobhoko bazibeke phambili njengezibonelo ezinhle kubadlali abasebancane abalandela ezinyathelweni zabo futhi lona yiwona umqondo i-Pick n Pay School Club ebinawo emqondweni ngesikhathi imema amantombazane angu-15 adlala umbhoxo ukuba ayobukela umdlalo weRugby Championship phakathi kwamaBhokobhoko ne-Argentina eKings Park ngoMgqibelo odlule.

Leli bekungelona nje ithuba lokuthi la mantombazane abuke iqembu labesilisa lidlala kodwa bekuyithuba elikhethekile lokuthi ancele ulwazi kubadlali bamaBhokobhoko esifazane ngaphambi kokuthi kuqale umdlalo.

Le ngxoxo iqale ngokuthi laba badlali abasebancane bahlohle imibuzo amaBhokobhoko esifazane okubalwa kuwona uSinothile Bhengu, Amanda Ndlovu noNobuhle Mjwara, kwaphinde kwajoyina uTayla Kinsey noMary Zulu, abebeyingxenye yeqembu lamaBhokobhoko eliqophe umdlalo e-England.

Bathole ithuba lokubabuza imibuzo mayelana nezinto ezahlukene okubalwa kuzona uhambo lwabo empilweni nasembhoxweni nezinto okufanele bazilindele uma sebedlala ezingeni eliphezulu.

Abadlali bamaBhokobhoko esifazane bavule isifuba, bephendula yonke imibuzo ngokukhululeka. UBhengu ululeke intsha ngokuziphatha kahle ethi: “Ukuziphatha kahle enkundleni nangaphandle kungenye yezinto ezibalulekile umdlali okumele aphile ngazo esemncane ukuze azibeke ethubeni lokufika ezingeni eliphezulu, aphinde ahlale khona isikhathi eside.”

Omunye umdlali wesifazane wamaBhokobhoko, uNobuhle Mjwara, ukhulume nabadlali ngenhlonipho.

“Kufanele uzihloniphe njengomdlali, uhloniphe ozakwenu nabaqeqeshi, abaphathi bomdlalo nabo bonke abantu osebenzisana nabo. Uma wenza lokho uzozimisela kukhona konke okwenzayo futhi nabantu bazokuhlonipha,” ubeke kanje.

Phakathi kwabadlali abasebancane abaphinde bathola ithuba lokuhlala namaqhawe abo ngesikhathi umdlalo uqhubeka nguSikelelwa Dladla (13) noNokonwaba Songca (14) abadlala umbhoxo eWestville Girls High School, abathe abasoze bakukhohlwa abakufundile ngalolu suku.

“Ukusondelana nabadlali esibukela kubona kusho lukhulu, bengingakaze ngicabange ukuthi ngingathola ithuba lokukhuluma nabo. Baphendule yonke imibuzo yethu futhi sengiyakholwa ngempela wukuthi nami ngingalifeza iphupho lami lokudlalela iSharks neNingizimu Afrika ngelinye ilanga,” kusho uDladla.

USongca uthe:“Engikufundile wukuthi singazuza noma yini empilweni uma sizikhandla futhi singadikibali, nokuthi kumele singakhohlwa wukuthi embhoxweni usuke uyingxenye yeqembu ngakho-ke akufanele uzicabangele wedwa ngaso sonke isikhathi."

Kuzobonakala ukuthi iSA Rugby izosifeza yini isithembiso sayo sokusungula iligi yabesifazane ekhokhelwayo ngonyaka ozayo. 

Uma ikwenza lokho, umbhoxo wabesifazane uzobe ususesimeni esingcono kakhulu uma laba badlali abasebancane sebefinyelela kulelo zinga eminyakeni ezayo.