ISIKHONDLAKHONDLA samabhokobhoko, u-Ox Nche, esingeke sidlale ne-Argentina namuhla ngenxa yokulimala.
Image: FACEBOOK
NAKUBA imidlalo yale mpelasonto yeRugby Championship ingeke inqume ukuthi yiliphi iqembu elizoqukula indebe kodwa izocacisa ukuthi yimaphi azoya emzuliswaneni wokugcina ngesonto elizayo enethuba elingcono kunamanye.
AmaBhokobhoko azotholana phezulu ne-Argentina eHollywoodbets Kings Park namuhla ngo-17h10 ntambama azi ukuthi adinga ukuwunqoba lo mdlalo ukuze aqinise amathemba okuvikela lesi sicoco asinqoba ngonyaka odlule.
Yize iqembu lakuleli likwazile ukuba ngompetha bomhlaba kabili kulandelana, alikaze liyivikele indebe yeRugby Championship phambilini.
AmaBhokobhoko ne-Argentina bazophinde babhekane kowokugcina walo mqhudelwano ozodlalelwa eTwickenham Stadium, eLondon, ngoMgqibelo ozayo.
Selokhu uqalile lo mqhudeleano kule sizini alikho iqembu eselinqobe imidlalo emibili ilandelana.
AmaBhokobhoko abegcine abadlali abangu-13 abaqale ngesikhathi ecoboshisa iNew Zealand emdlalweni wawo wakamuva eWellington.
Nokho, sekuphoqeleke ukuthi umqeqeshi uRassie Erasmus enze olunye ushintsho kulandela ukuthinteka komdlali waphambili u-Ox Nche.
Indawo yakhe izothathwa nguBoan Venter, obezoqala ebhentshini, bese isikhala sikaVenter sivalalwa nguMarco van Staden.
Umdlali wamaBhokobhoko, uMannie Libbok, uthe nakuba labasebenzela iqhinga lokucindezela iNew Zealand ngokukhahlela ibhola phezulu emdlalweni odlule, lokho akusho ukuthi kuzokwenzeka okufanayo namuhla.
“Abadlali abaningi be-Argentina bawudlalile umbhoxo weSevens. Banesivinini esimangalisayo futhi bayakwazi ukugxuma nokunqaka amabhola andiza emoyeni. Siyazi ukuthi lo mdlalo uzoba nzima kangakanani,” kusho uLibbok.
Umqeqeshi we-Argentina, uFelipe Contepomi, wenze izinguquko ezintathu eqenjini eliqale umdlalo wakamuva ne-Australia, ebuyisa umakadebona uPablo Matera kanye noLucas Paulos benoFranco Molina.
Ngesizini edlule i-Argentina yanqoba amaBhokobhoko ngo 29-28 eSantiago, e-Argentina, iqembu lakuleli lanqoba ngo 48-7 eMbombela Stadium.
I-Argentina yagcina ngo-2015 ukushayela amaBhokobhoko kuleli, iwaguqisa ngo 37-25 kuyona le nkundla okuzodlalelwa kuyona namuhla.
Related Topics: