UMDLALI wamaProteas esifazane u-Anneke Bosch nozakwabo u-Ayabonga Khaka noSinalo Jafta.
Image: FACEBOOK
UBONGA ukuthi ugcine ekwazile ukubuyela eqenjini lesizwe umdlali wekhilikithi wakuleli obegula, u-Anneke Bosch.
Lo mdlali owagqama kumaProteas esifazane eNdebeni yoMhlaba yeT20 edlule uphuthwe uchungechunge lweTri-Nations Series ne-India neSri Lanka ekuqaleni konyaka, nohambo lwaseWest Indies.
Ufakiwe eqenjini lesizwe elizodlala eNdebeni yoMhlaba ezoqala ngesonto elizayo e-India naseSri Lanka njengoba eseluleme.
Udlale umdlalo wakhe wokuqala kowokugcina wochungechunge lwe-One Day Intewrnational (ODI) nePakistan ngoMsombuluko.
"Akukaze kube mnandi ukuphuthwa yimidlalo noma ukubekwa eceleni nganoma yisiphi isizathu. Bekubuhlungu kakhulu kodwa ngibonga ukuthi ngikwazile ukululama ngesikhathi nokuthi ngibuyile eqenjini manje," kusho uBosch engxoxweni ekhethekile ne-Independent Media.
“Ozakwethu, abangani, umndeni kanye nabaphathi beqembu. Lokho kwenze kwaba lula ukubhekana nale simo ebengibhekene naso.
"Bekunzima ukungabi neqembu ngaphambi kweNdebe yoMhlaba, ufuna ukuba neqembu uma lilungiselela into enkulu njengale."
UBosch ubonge umqeqeshi uMandla Mashimbyi nethimba lakhe ngokumethemba yize engadlala eqenjini lesizwe kulo nyaka.
“Impela kusho lukhulu. Kubalulekile ukwazi ukuthi abaqeqeshi nabaphathi bakho bayakholelwa kuwena,” uqhube kanje uBosch.
"Ukungakwazi ukudlalela iqembu lesizwe kulo nyaka kodwa ufakwe esikwatini seNdebe yoMhlaba kuyinto ekhethekile.
"Ngesikhathi ngibuyela enkundleni emdlalweni nePakistan ngizamile ukungacabangi kakhulu ukuze ngingaphazamiseki emoyeni. Bengijabule nje futhi ngaphinde ngabona ukuthi sibusiseke kangakanani ngokukwazi ukwenza lokhu esikuthandayo."
AmaProteas esifazane azobuyela enkundleni kusasa lapho ezobhekana khona nePakistan kowokungcweka ozoqala ngo-11.30 e R. Premadasa Stadium eSri Lanka. OwangoLwesine neBangladesh ubhuntshile ngenxa yemvula.
Iqembu lakuleli lizovula ne-England kweyamaqoqo yeNdebe yoMhlaba ngoLwesihlanu.
Related Topics: