Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

IChiefs nenselelo yokwenza okuyehlulayo koweCaf

Mthokozisi Mncuseni|Published

ABADLALI beKaizer Chiefs kumele babhukule benze osekubahlule izinyanga ukuze bagweme ukuba yinhlekisa ngokuphuma kwiCaf Confederation Cup kungakafikwa emidlalweni yamaqoqo

Image: KC/Facebook

I-KAIZER Chiefs iphoqeleke ukwenza osekuyehlule izinyanga uma ingazimisele ngokungena ehlazweni lokuphuma ingakafiki kweyamaqoqo yeCaf Confederation Cup.

Kusukela iChiefs yanqoba ngo 2-1 kwi-Orlando Pirates kowamanqamu weNedbank Cup ngoMeyi, leli qembu laseNaturena alikaze liwashaye amagoli amabili noma ngaphezulu uma libhekene nezimbangi eziphelele enkundleni. Amakhosi agcine ukushaya inethi kabili emdlalweni wokuvula isizini weBetway Premiership ehlula iStellenbosch FC ngo 2-0 ebisidlala ngabadlali abayishumi. 

Emidlalweni emihlanu yokucijela ukuqala kwesizini, iChiefs eyidlale eNetherlands neVitesse, Utrecht, NEC, PEC Zwolle neFC Twente ngokwahlukana, ishaye amagoli amathathu isihlangene yonke. 

Kule midlalo iwine ngo 1-0 kwiZwolle, yathola uswazi kwiVitesse (2-1), Utrecht (4-0), NEC (1-0) nakwiTwente (2-1).

Yize iChiefs ibibalwa namaqembu ayiqale kahle isizini kodwa kunzima ukuziba ukuthi ngaphandle kuka 2-0 kwiStellies eyakhishelwa umdlali ngekhadi elibomvu umdlalo unemizuzu engu-13 uqalile, leli qembu alikaze lishaye amagoli amabili noma ngaphezulu emidlalweni engu-12 ngokwahlukana kwemiqhudelwano kusukela kowamanqamu weNedbank.

Amakhosi aphoqelekile ukushaya amagoli amabili noma ngaphezulu ukuze ezodlulela emzuliswneni olandelayo weConfederation Cup. Leli qembu lilandela emuva ngo 1-0 kwiKabuscorp S.C.P. yase-Angola okuwumphumela womlenze wokuqala. Owomlenze wesibili uzodlalwa kusasa ngo-3 ntambama, e-FNB Stadium, eNasrec.

Ukukhala ngaphansi kweChiefs eLuanda, ngeledlule, kusho ukuthi iyaphoqeleka ukwenza osekuyehlule izinyanga ezintathu nangaphezulu, iphinde iqinisekise ukuthi leli qembu lase-Angola aliqhubeki nokuhlohla amanye amagoli.

Elinye lamabamba omqeqeshi kwiChiefs, uKhalil Ben Youssef, lithe likhulekela ukuthi ukuphoxeka kwaleli qembu lephucwa amaphuzu yiMarumo Gallants seliwaphethe lizokusebenzisa njengesikhuthazi ukuguqula umphumela omubi eliwuthole kowomlene wokuqala weCaf.

UBen Youssef ukusho lokhu esithangamini nabezindaba ngemuva kokubambana neGallants ngo 1-1 ngoLwesithathu ebusuku, kuyona le nkundla abazodlala kuyona neKabuscorp.

“Isifiso sethu esikhulu wukuthi sisikhiphele ekuqiniseni ukuthi sivunwe wumphumela koweCaf isibhongo sokudedela amaphuzu sesiwaphethe,” kusho yena.

“Kusemqoka nokuncoma iGallants eyenza kahle kulezi zinsuku kodwa ngikholelwa ekutheni ngabe kasizizwa ngale ndlela ukube amathuba esiwathole ngokwahlukana kweziwombe siwasebenzise ngendlela."