Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Ukhuthazwe ukuthuthuka kweqembu owelesizwe le-netball

Xolile Mpisane|Published

UMDLALI wamaProteas, uTarle Mathe, ephethe ibhola edlalweni wesibili wochungechunge neNew Zealand izolo.

Image: NETBALL SA

IMQINISE idolo indlela iqembu elikhuphule ngayo izinga emdlalweni wesibili yize liphinde lanqotshwa yiNew Zealand, umqeqeshi weqembu lesizwe elikhulu le-netball, uJenny van Dyk.

AmaProteas aphinde akhala ngaphansi emdlalweni wesibili wochungechunge lwemithathu. Lokhu kusho ukuthi iSilver Ferns isihamba phambili ngo 2-0 ekubeni sekusele umdlalo wokugcina.

Iqembu lakuleli linqotshwe ngo 70-58 emdlalweni obuse Pettigrew Green Arena, edolobheni iNapier, eNew Zealand, izolo.

Okunika uVan Dyk ithemba ukuthi kulokhu kuphele ikota yokuqala amaProteas ehamba phambili ngo 15-14, kwayiwa ekhefini iNew Zealand isihamba phambili ngo 34-28.

Nakuba kumkhathazile ukuthi bayivumelile iSilver Ferns yabuya kodwa bekungcono kunomdlalo wokuqala obuse-Eventfinda Stadium, e-Auckland, ngeSonto, lapho kuphele khona ikota yokuqala iNew Zealand izihambela yodwa ngo 20-8, kwayiwa ekhefini iphambili ngo 41-22.

“Sithuthuke kakhulu kwikota yokuqala kulo mdlalo wesibili futhi kuyasikhuthaza lokho. Into esikhathazayo wukuthi sike sahamba phambili ngamagoli ayisithupha, sase siqala ukuba budedengu uma siphethe ibhola,” usho kanje uVan Dyk.

“Besizoqala ikota yesibili sisendaweni engcono kakhulu ukuba asikwenzanga lokho. Engikufisayo manje wukuthi lokhu iqembu elikwenze emizuzwini engu-10 yokuqala likwenze emizuzwini engu-30, kukhuphuke kuze kube yihora. 

“Ngicabanga ukuthi iqembu lidlale kangcono, nasemuva simake kangcono kakhulu. Sizibonile nezinto okumele sizilungise ngaphambi komdlalo wesithathu.”

AmaProteas neNew Zealand sebezodlala owokugcina ozoba se-ILT Stadium Southland, e-Invercargill, ngeSonto ngo-9.40 ekuseni.

Iqembu lakuleli lizobe selidlulela e-Australia, lapho lizofike lizwane khona amandla nompetha bomhlaba kweminye imidlalo emithathu.