UMDLALI weHollywoodbets Sharks osesikwatini sayo se-United Rugby Championship (URC) uBathobele Hlekani
Image: BACKPAGEPIX
NAKUBA ekujabulela ukuqala kwesizini ye-United Rugby Championship (URC) umqeqeshi weHollywoodbets Sharks, uJohn Plumtree, kodwa akangabazi ukuthi nale sizini izoba nezihibe phakathi nayo njengoba kuhlale kwenzeka.
ISharks elinyalelwe ngabadlali abamqoka abangu-19 nabanye abayisishiyagalolunye abasekhempini yamaBhokobhoko, izovula ngokubhekana neGlasgow Warriors ekuhambeni ngoLwesihlanu.
Ukuqala nelinye lamaqembu abengcono kunawo wonke ngesizini edlule kuyinkinga ngoba kwenza uPlumtree angakwazi nokukala ukuthi iqembu lizophelela kuphi kulokhu.
Ngesizini edlule iSharks iqale kabi kodwa yaqeda ngamandla okufakazelwa wukuphelela kwayo endaweni yesithathu kulo mqhudelwano.
“Isibalo sabadlali esiqala umqhudelwano belimele sikhomba ukuthi kuzobanzima, yingakho kungelula ukuqagela ukuthi sizokwenza kanjani kule sizini,” kusho uPlumtree ethimbeni labezindaba laleli qembu laseThekwini.
“Ngaphezu kokulimala kwabadlali okungeke kugwemeke kukhona nemigomo ngemizuzu esingasebenzisa ngayo abadlali abayingxenye yamaBhokobhoko.
“Wunyaka wami wesithathu lo engikuwona neSharks, ngakho-ke ngiyazi ukuthi phakathi nesizini kuzoba nezinkinga ezingagwemeki njengoba kuhlale kwenzeka.
“Isifiso sami wukuthi yonke into ihambe kahle kodwa iminyaka emibili edlule iwubufakazi bokuthi mancane amathuba okuthi lokhu kwenzeke.
“Kwesinye isikhathi kuhamba kahle kodwa kuphinde kuphazamise ukulimala kwabadlali abamqoka. Siya emqhudelwaneni ngokuzethemba kodwa umlando uyasikhumbuza ukuthi sikulindele nokuphazanyiswa yizimo esingeke sikwazi ukuzigwema.
“Ngesizini edlule kuqale kwabheda. Maphakathi nayo kwaba ngcono kodwa size saqala ukulwa impi ebonakalayo ngoba sesiqedile ukuphumuza abadlali bamaBhokobhoko,” kusho uPlumtree.
Sesisonke isikwati seSharks ezosisebenzisa kwi-URC sibunjwe kanje:
Abasemuva: Yaw Penxe, Ross Braude, Jean Smith, Phikolomzi Sobahle, Lukhanyo Am, Jurenzo Julius, Jaden Hendrikse, Hakeem Kunene, Francois Venter, Edwill van der Merwe, Christie Grobbelaar noCeano Everson.
Abaphambili: Willem van den Hever, Vincent Tshituka (ukaputeni), Tino Mavesere, Simphiwe Matanzima, Ruan Dreyer, Phepsi Buthelezi, Nick Hatton, Mawande Madanda, Marvin Orie, Lee-Marvin Mazibuko, Fez Mbatha, Emmanuel Tshituka, Eduan Swart, Dian Bleuler, Cebo Dlamini, Cameron Dawson noBathobele Hlekani.