UMQEQESHI wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus.
Image: AFP
UMQEQESHI wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus, uthi okuseqhulwini wukuthi bawunqobe umdlalo wangoMgqibelo weRugby Championship, bengaqali ngokuzikhathaza ngokuthola iphuzu elengeziwe.
Lo mdlalo uzoqala ngo-5.10 ntambama eKing’s Park Stadium, eThekwini.
Isimo sibucayi kwi-log yeRugby Championship njengoba sekusele imizuliswano emibili kulo mqhudelwano.
I-Australia izihola phambili ngamaphuzu angu-11, ilandelwe amaBhokobhoko neNew Zealand ngamaphuzu angu-10 iqembu ngalinye. I-Argentina isemsileni ngayisishiyagalolunye.
Iqembu lithola amaphuzu amane ngokunqoba umdlalo kanti kuyenzeka liphinde ligixatshezwe ngelinye iphuzu uma lishaye ama-try amathathu noma ngaphezulu kuneqembu elisuke lidlala nalo.
Uma amaBhokobhoko enganqoba ngama-try amaningi, athole leli phuzu elengeziwe, kungenzeka kushone elangoMgqibelo eseqhwakele kwi-log. Nokho kuzoncika ekutheni uhamba kanjani umdlalo ozoba phakathi kweNew Zealand ne-Australia e-Auckland, ngoMgqibelo ngo-7.05 ekuseni.
"Ngisho nangaphambi komdlalo wethu nama-All Blacks eWellington, bengisocingweni ngibheka ukuthi kwenzekani eSydney kowamaWallabies namaPumas. Lokho kusinike ugqozi ngoba besazi ukuthi ngenxa yokunqoba kwamaPumas sisenalo ithuba lokuwina iRugby Championship," kusho u-Erasmus.
"Kuyajabulisa ukungena enkundleni usuwazi ukuthi udingani kodwa ukujaha iphuzu elengeziwe ngaphambi kokuthi siqinisekise ukuthi siyawunqoba umdlalo kungasifaka eweni. Eminyakeni emibili edlule sibhekene namaPumas eThekwini, sasidinga ukunqoba ngamaphuzu amaningi ukuze sibe sethubeni lokunqoba isicoco.
“Saqala ngesivinini esimangalisayo sagcina simoshe yonke into. Ngeke siphinde silenze lelo phutha. Kumele silwele ukunqoba umdlalo kuqala. Noma singathola amaphuzu amane kuphela sisazoya emdlalweni wokugcina sisethubeni lokuwina isicoco.”
I-Argentina isizibonakalisile ukuthi iyingozi kangakanani kule sizini ngokunqoba iNew Zealand ne-Australia kulo mqhudelwano. U-Erasmus uthe ngeke balenze iphutha lokulithatha kancane leli qembu.
"Lona wumdlalo obaluleke ngokulinganayo kithina namaPumas. Ukuhlula kwabo iNew Zealand ne-Australia kulo mqhudelwano kanye neBritish & Irish Lions ekuqaleni kwesizini, kuchaza ukuthi sizobahlonipha,” kuqhuba lo mqeqeshi.
“Sizodlala umdlalo ofanele ngoMgqibelo, ngeke sivele sizame ukugcina ibhola ezandleni zibekwa nje."
Iqembu lamaBhokobhoko elizobhekana ne-Argentina:
Abazoqala: 15 Damian Willemse, 14 Cheslin Kolbe, 13 Canan Moodie, 12 Damian de Allende, 11 Ethan Hooker, 10 Sacha Feinberg-Mngomezulu, 9 Cobus Reinach, 8 Jasper Wiese, 7 Pieter-Steph du Toit, 6 Siya Kolisi (ukaputeni), 5 Ruan Nortje, 4 Eben Etzebeth, 3 Thomas du Toit, 2 Malcolm Marx, 1 Ox Nche.
Abasebhentshini: 16 Jan-Hendrik Wessels, 17 Boan Venter, 18 Wilco Louw, 19 RG Snyman, 20 Kwagga Smith, 21 Morné van den Berg, 22 Manie Libbok, 23 Andre Esterhuizen.
Related Topics: