Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Kubhekwe lukhulu kwawaseMzansi kwi-URC

Xolile Mpisane|Published

UMDLALI weSharks, uJayden Hendrikse, ozoqala kwi-flyhalf emdlalweni wokuvula i-United Rugby Championship neGlasgow Warriors kusihlwa.

Image: FACEBOOK

UKUQALA kwesizini entsha ye-United Rugby Championship kusho ithuba elisha lamaqembu akuleli okunqoba lo mqhudelwano okwemikhulu yombhoxo edlalwa ngamaqembu emhlabeni.

Amaqembu akuleli; iHollywoodbets Sharks, Vodacom Bulls, DHL Stormers ne-Emirates Lions aqala ukudlala kulo mqhudelwano ohlanganisa namaqembu ase-Ireland, Italy, Scotland naseWales ngo-2021.

Phambilini, ayedlala emqhudelwaneni iSuper Rugby, lapho ayegadulisana khona nawaseNew Zealand nase-Australia, kwaphinde kwajoyina awase-Argentina naseJapan.

AmaStormers awunqoba lo mqhudelwano ngesizini ka-2021/22, aqeda endaweni yesibili ngesizini elandelayo. AmaBulls asedlale kathathu kowamanqamu, ngo-2021/22, 2023/24 nango-2024/25 kodwa awakaze abe ngompetha.

Ngesizini edlule, amaLions aphelela esigabeni samaqoqo, amaStormers akhishwa kuma-quarterfinal, iSharks yaphuma kowandulela owamanqamu.

Wonke la maqembu azobe ebheke ukwenza kangcono kule sizini nakuba ezoyiqala nezinkinga ezahlukene okubalwa kuzona ukulinyalelwa abadlali nokubambeka kwabanye eqenjini lesizwe, AmaBhokobhoko, elisematasa kwiRugby Championship futhi elisazodlala eyokusonga unyaka phesheya ngoNovemba.

AmaStormers azovula nompetha iLeinster yase-Ireland, eDHL Cape Town Stadium namuhla ngo-7 kusihlwa, amaSharks azobhekana neqembu laseScotland, iGlasgow Warriors, eScotstoun Stadium, eGlasgow, ngo-9.05 kusihlwa.

Kusasa, amaBulls azogadulisana neqembu laseWales, i-Ospreys eLoftus Versfeld ngo-2 ntambama, amaLions evakashela iCardiff Blues eCardiff Arms Park ngo-8.45 ntambama.

Umqeqeshi weSharks, uJohn Plumtree, uzamile ukuvala izikhala eqenjini lakhe elilinyalelwe yinqwaba yabadlali futhi elinabanye abaseqenjini lesizwe. 

UJaden Hendrikse, ojwayele ukudlala kwi-scrumhalf, uzoqala kwi-flyhalf kusihlwa ngenxa yokuthi abajwayele ukudlala kule ndawo, okungumfowabo uJordan noSiya Masuku, basalimele.

UMarvin Orie, Simphiwe Matanzima, Ross Braude, Christie Grobbelaar no-Edwill van der Merwe bazobe bedlala okokuqala kuleli qembu laseThekwini.

Iqembu leSharks elizobhekana neGlasgow Warriors

Abazoqala: 15 Yaw Penxe, 14 Edwill van der Merwe, 13 Lukhanyo Am, 12 Francois Venter, 11 Christie Grobbelaar, 10 Jaden Hendrikse, 9 Ross Braude, 8 Vincent Tshituka (ukaputeni), 7 Manu Tshituka, 6 Phepsi Buthelezi, 5 Marvin Orie, 4 Deon Slabbert, 3 Ruan Dreyer, 2 Fez Mbatha, 1 Simphiwe Matanzima.

Abasebhentshini: 16 Eduan Swart, 17 Dian Bleuler, 18 Lee-Marvin Mazibuko, 19 Bathobele Hlekani, 20 Nick Hatton, 21 Jean Smith, 22 Jurenzo Julius, 23 Hakeem Kunene.