Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Amathe abuyele kwasifuba kwabeChiefs idedela amaphuzu

Mthokozisi Mncuseni|Published

UKHANYISA Mayo weKaizer Chiefs oyishayele igoli lokuvula inkundla ebanga ibhola nesitobha seMarumo Gallants koweBetway Premiership e-FNB Stadium, eNasrec

Image: KC/Facebook

Kaizer Chiefs (1) 1

Marumo Gallants (0) 1

BASWELE umgodi wokucasha abaqeqeshi ababanjiswe isihlalo kwiKaizer Chiefs ngesikhathi leli qembu lidedela amaphuzu abezolinika ithuba lokuphefumula livumela ukubanjwa yiMarumo Gallants emdlalweni weBetway Premiership izolo, e-FNB Stadium, eNasrec.

Inkukhu inqunywe umlomo emuva komdlalo koKhalil Ben Youssef noCedric Kaze, kulandela ukuthi iqembu labo lidedele amaphuzu amathathu likade selihamba phambili.

Lo mphumela mubi kwiChiefs nakulaba baqeqeshi kwazise ulandela ongemuhle womlenze wokuqala weyokuhlungela eyamaqoqo kwiCaf Champions League e-Angola, lapho ihlulwe khona yiKabuscorp.

Ngaphambi komdlalo, uBen Youssef uthe, bekumqoka ukuwina kubona ukuze bezobuyisa ukuzethemba kwiligi, baphinde bazicijele owomlenze wesibili weCaf ngoMgqibelo.

“Nakuba siqonda ukuthi kuzoba wumdlalo onzima kodwa kubalulekile ukuthi konke esikwenzayo sikhombise ukuthi sisekhaya kanti futhi sifuna ukufika kowangoMgqibelo kuphezulu ukuzethemba,” kusho uBen Youssef.

Inkundla ivulwe nguKhanyisa Mayo obebonakala okokuqala edlubhe umfaniswano weqembu elalidlalelwa nguyise, uPatrick Mayo, ngegoli alishaye ngomzuzu ka-39.

Kudlule imizuzu embalwa, iChiefs yathola iphenathi ethathwe nguGaston Sirino kodwa wayivimba uWashington Arubi.

Bekulindelekile ukuthi womabili amaqembu awuqale ngomfutho umdlalo ngoba iChiefs ifike kuwona ingayazi iwini kwemibili ilandelana emiqhudelwaneni eyahlukene kanti iGallants ibisidlale ngokulingana amahlandla amathathu kulandelana kweyeligi.

Umdlalo uqhubeke ngendlela efanayo nasesiwombeni sesibili kwaze kwaba kungena uJaisen Clifford ofike washaya elokulinganisa ngomzuzu ka-75.

Ngaphambi komdlalo, umqeqeshi weGallants u-Alexandre Lafitte uthe: “Asikungabazi ukuthi singawuthola umphumela omuhle kodwa konke kulele ekutheni sizimisele kangakanani ukusebenza.”