IQEMBU lesizwe lekhilikithi labesifazane elilungiselela iNdebe yoMhlaba ezoqala ngesonto elizayo e-India naseSri Lanka
Image: X / PROTEAS WOMEN
AKAKHATHAZEKILE ngokuthi iqembu lakhe lilahlekelwe wumgqigqo ngesikhathi linqotshwa yiPakistan emdlalweni wokugcina wochungechunge lwe-One-Day International (ODI) olusanda kuphela, umqeqeshi weqembu lesizwe lekhilikithi labesifazane, uMandla Mashimbyi.
Yize engadlalanga ikhilikithi esezingeni eliphezulu emdlalweni wokugcina, amaProteas anqobe lolu chungechunge ngo 2-1 ngenxa yokuthi abesevele eyithathile imidlalo emibili yokuvula.
Kowokuqala, anqobe ngamawikhethi ayisishiyagalombili; kowesibili anqoba ngama-run angu-25, futhi kuyona yomibili imidlalo ashaye ama-run amaningi futhi angalahlekelwa amawikhethi amaningi.
Emdlalweni wokugcina iqembu lakuleli likhishwe lonke lisashaye ama-run angu-115, liqedwa ngumshwibi we-spin wasePakistan uNashra Sandhu, othathe amawikhethi ayisithupha. IPakistan ibe isifinyelela kuma-run angu-117 kusaphume abadlali abane.
UMashimbyi uvumile ukuthi izinto azihambanga ngendlela abebehlele ngayo emdlalweni wesithathu kodwa wagqamisa okuhle abakwenzile kwemibili yokuqala.
"Okuhle kube yimidlalo emibili yokuqala nendlela esiyinqobe ngayo. Ngijabule kakhulu ngendlela esishwibe ngayo kuma-over angasekugcineni nokuyinto engikholwa ukuthi isinqobise le midlalo. Kusobala ukuthi zikhona izindawo okumele siqinise kuzona, ikakhulukazi isikhathi esimaphakathi nomdlalo kodwa kube nezimpawu ezinhle," kusho uMashimbyi.
"Ngingumqeqeshi othanda ukuzama izinto ezintsha. Akukho okungikhathazayo ngoba sizame izinhlanganisela ezihlukile emdlalweni wokugcina.”
AmaProteas asezosonga amalungiselelo eNdebe yoMhlaba ezoqala ngesonto elizayo, ngokudlala imidlalo emibili yokungcweka neBangladesh nePakistan.
Azobhekana neBangladesh namuhla ngo-11.30 ekuseni, eColombo Cricket Club, eSri Lanka, ngaphambi kokudlala nePakistan enkundleni efanayo ngeSonto.
Le midlalo kulindeleke ukuthi inikeze umqeqeshi uMashimbyi nethimba lakhe ithuba lokugcina lokuhlola iqembu ngaphambi kokuthi liqale eyamaqoqo yeNdebe yoMhlaba.
"Uchungechunge lwakamuva lusinike ithuba lokubona ukuthi izikhala zikuphi bese silungisa lezo zinto ezimbalwa. Manje sekuyisikhathi sokuthi sigxile emsebenzini wethu omqoka, okuwukungena eNdebeni yoMhlaba futhi senze isiqiniseko sokuthi sithatha indebe sibuyela nayo eNingizimu Afrika leyo ndebe," uqhube kanje lo mqeqeshi.
INingizimu Afrika izoqala iNdebe yoMhlaba ngokubhekana ne-England eBarsapara Stadium eGuwahati, e-India, ngo-Okthoba 3.
Related Topics: