Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Lisashosholoza elincane le-netball eNdebeni yoMhlaba

Xolile Mpisane|Published

UMDLALI wamaBaby Proteas, uZahrah Noah, ejabulela ukunqoba iTrinidad and Tobago emdlalweni weNetball World Youth Cup izolo

Image: NETBALL WORLD CUP

LIPHINDE lazidlulela kalula emdlalweni walo wesibili wamaqoqo weNetball World Youth Cup iqembu lesizwe lakuleli lika-Under-21, lithela othulini iTrinidad and Tobago ngo 105-15 eTercentenary Sports Hall, eGibraltar, izolo.

Leli qembu eliphekwa nguPrecious Mthembu, belivele liwuqale ngegiya eliphezulu lo mqhudelwano ngoMgqibelo, ngesikhathi libhubhudla iBarbados ngo 102-27.

Liqhubeke lapho ligcine khona kowesibili kaPool D, lapho kuyiwe khona ekhefini selizihambela lodwa ngo 50-7. Akukho okutheni iTrinidad and Tobago ebuye nakho esiwombeni sesibili, amaBaby Proteas aphinde ahlanganisa amagoli angu-100.

"Ngiyaziqhenya kakhulu ngeqembu, likhombise ukuzimisela ngempela. Lidlale ngezinga eliphezulu umdlalo wonke futhi likwazile ukuvimba iTrinidad and Tobago ekutheni ithole amagoli angu-20. Bekungeyona inhloso yethu ukushaya amagoli angu-100, into ebimqoka kakhulu bekuwukudlala kahle nokunqoba. Amagoli esiwatholile awubufakazi balokhu ebesikwenza enkundleni,” kusho uMthembu.

AmaBaby Proteas azodlala umdlalo wawo olandelayo wamaqoqo neMalawi, namuhla ngo-5 ntambama.

IMalawi iguqise iTrinidad and Tobago ngo 65-29 emdlalweni wokuqala ngeSonto, ngaphambi kokudlula kwiFiji ngo 52-51 kukubi emdlalweni wayo wesibili izolo.

Lokhu kwenza umdlalo wanamuhla ntambama ube ngobhekwe ngabomvu phakathi kwamazwe amabili ase-Afrika awuqale kahle umqhudelwano.

UMthembu uthe nakuba iqembu lakhe liyiwine ngamalengiso imidlalo yalo emibili yokuqala kodwa lisadinga ukukhuphula izinga njengoba imidlalo izoya ngokuya iba nzima ngokuqhubeka komqhudelwano.

“Yize izinga lokuzethemba liphezulu kodwa kumele senze isiqiniseko sokuthi siyaligcina leli zinga futhi sihlale sithobekile. Ngicabanga ukuthi kunezikhathi lapho besingagxilile khona emdlalweni ngokuphelele. Izitha ezinamandla zizosijezisa uma senza lokho ngakho-ke ngezinye zezinto okumele siqhubeke nokuzilungisa,” kuqhuba uMthembu.

I-Netball World Youth Cup isakazwa mahhala kwi-website ye-NetballPass kanye nasekhasini leNetball World Cup kwiYouTube.