USEPHINDE wabuyela eqenjini lesizwe umdlali wakuleli wekhilikithi, uQuinton de Kock.
Image: AFP
USHAYE ungqimphothwe umdlali wakuleli wekhilikithi, uQuinton de Kock, ebuyela eqenjini lesizwe lama-One Day International (ODI) nele-T20 elizolibangisa ePakistan.
UDe Kock (32) wadalula ukuthi uyagcina ukudlalela iqembu lesizwe lama-ODI ekupheleni kweNdebe yoMhlaba ka-2023. Wagcina ukudlalela ele-T20 eNdebeni yoMhlaba ngoJuni nyakenye.
Nokho ufakiwe kwele-T20 elizodlala imidlalo emithathu nePakistan kusukela ngo-Okthoba 28 kuya kuNovemba 1, nelizodlala emithathu yama-ODI kusukela ngoNovemba 4 kuya ku-8.
La maqembu womabili azoqala ahlangane emidlalweni emibili yeTest eLahore naseRawalpindi, kusukela ngo-Okthoba 12.
Ukaputeni uTemba Bavuma akekho eqenjini eliya ePakistan, njengoba engakalulami selokhu adonseka umsipha osemlenzeni ngesikhathi bedlala ne-England.
U-Aiden Markram uzohola iqembu leTest, ele-T20 liholwe nguDavid Miller, bese uMatthew Breetzke eba ngukaputeni welama-ODI.
Khonamanjalo: AmaProteas aphinde aqoka elinye iqembu elizodlala umdlalo we-T20 neNamibia eWindhoek, ngo-Okthoba 11, elizobe liholwa nguDonovan Ferreira.
Lo mdlalo uhambisana nokuvulwa ngokusemthethweni kweNamibia Cricket Ground, engenye yezinkundla ezizosingatha iNdebe yoMhlaba ka-2027 ye-ODI ezodlalelwa kuleli, eNamibia naseZimbabwe.
"Sidumele ngokungabibikho kukaTemba. Ungumholi nomdlali obhethayo obalulekile eqenjini lethu le-Test. Noma kunjalo, iningi labadlali esinalo linesipiliyoni sokudlala e-Asia futhi liyakuqonda okudingekayo khona,” kusho umqeqeshi wamaProteas uShukri Conrad.
"Ukubuya kukaQuinton kusiqinise kakhulu. Ngesikhathi sixoxa naye ngenyanga edlule, ngekusasa lakhe kucacile ukuthi usenesifiso esikhulu sokumela izwe lakhe. Wonke umuntu uyalazi izinga alilethayo eqenjini nokuthi lizozuzani ngokubuya kwakhe."
Iqembu lamaProteas leTest elizodlala nePakistan: Aiden Markram (ukaputeni), David Bedingham, Corbin Bosch, Dewald Brevis, Tony de Zorzi, Zubayr Hamza, Simon Harmer, Marco Jansen, Keshav Maharaj*, Wiaan Mulder, Senuran Muthusamy, Kagiso Rabada, Ryan Rickelton, Tristan Stubbs, Prenelan Subrayen, Kyle Verreynne.
Iqembu lamaProteas leT20 elizodlala nePakistan: David Miller (ukaputeni), Corbin Bosch, Dewald Brevis, Nandre Burger, Gerald Coetzee, Quinton de Kock, Donovan Ferreira, Reeza Hendricks, George Linde, Kwena Maphaka, Lungi Ngidi, Nqaba Peter, Lhuan-dré Pretorius, Andile Simelane, Lizaad Williams.
Iqembu lamaProteas lama-ODI elizodlala nePakistan: Matthew Breetzke (ukaputeni), Corbin Bosch, Dewald Brevis, Nandre Burger, Gerald Coetzee, Quinton de Kock, Tony de Zorzi, Donovan Ferreira, Bjorn Fortuin, George Linde, Kwena Maphaka, Lungi Ngidi, Nqaba Peter, Lhuan-dré Pretorius, Sinethemba Qeshile.
Iqembu lamaProteas leT20 elizodlala neNamibia: Donovan Ferreira (ukaputeni), Nandre Burger, Gerald Coetzee, Quinton de Kock, Bjorn Fortuin, Reeza Hendricks, Rubin Hermann, Kwena Maphaka, Rivaldo Moonsamy, Nqaba Peter, Lhuan-dré Pretorius, Andile Simelane, Jason Smith, Lizaad Williams.
Related Topics: