UMDLALI wamaProteas esifazane, uMarizanne Kapp, oqokwe njengovelele kowokuvula uchungechunge lwe-ODI nePakistan.
Image: X / PROTEAS WOMEN
UJABULELA ukuthi usengakwazi ukufaka isandla eqenjini ngokushwiba nokubhetha omunye womakadebona abaseqenjini lesizwe lekhilikithi labesifazane, uMarizanne Kapp.
Lo mdlali (33) ukhathule indima enkulu esiza amaProteas ukuthi anqobe umdlalo wokuqala wochungechunge lwe-One Day International (ODI) ne-Pakistan eGaddafi Stadium, eLahore, ngamawikhethi ayisishiyagalombili ngoLwesibili.
Ushwibe ama-over ayisikhombisa, wangayithola iwikhethi ngesikhathi iPakistan ihlanganisa ama-run angu-255 isilahlekelwe amawikhethi amane.
Ugqame kakhulu esebhetha njengoba eshaye ama-run angu-121 emabholeni angu-128, iqembu lakuleli lifinyelela kuma-run angu-259 kusaphume abadlali ababili. Uqede umdlalo enoTazmin Brits, othole ama-run angu-101 emabholeni angu-121.
"Ngicabanga ukuthi bengihlale ngikhombisa ukuthi ngingakwenza kokubili, ukushwiba nokubhetha. Ngeke ngisho ukuthi kulula, kuwumsebenzi onzima kakhulu ukwenza lezi zinto zombili, ikakhulukazi kulezi zimo ebesidlala ngaphansi kwazo," kusho u-Kapp.
“Mina noTazmin besisizana ngendlela encomekayo enkundleni. Kube nezikhathi lapho abezabalaza khona, ngamsiza, naye ubengisiza engitshela ukuthi ngehlise umoya.”
INingizimu Afrika isebenzisa le midlalo nePakistan njengengxenye yokulungiselela imidlalo yeNdebe yoMhlaba ye-ODI ezodlalelwa e-India naseSri Lanka, kusukela ngoSepthemba 30 kuze kube uNovemba 2.
Imidlalo emibili esele yalolu chungechunge nePakistan izophinde idlalelwe eGaddafi Stadium kusasa ngo-12.30 emini nangoMsombuluko, ngesikhathi esifanayo.
UKapp unethemba lokuthi ukudlala le midlalo ngaphansi kwezimo ezifana nalezi abazozithola e-India naseSri Lanka kuzosiza ukuqinisa iqembu.
"Izimo bezinzima, hhayi inkundla kuphela kodwa nezinga lokushisa. Bekuyindlela enhle yokulungiselela iNdebe yoMhlaba kodwa anginaso isiqiniseko sokuthi kuzoba lula kule midlalo ezayo," usho kanje.
“Noma singawulahla umdlalo owodwa noma emibili, inqobo nje uma siqhubeka nokuthuthuka. Yize kumnandi ukunqoba kodwa okumqoka kakhulu njengamanje wukuthi iqembu lidlale kangcono, futhi bonke abadlali bathole ithuba lokudlala.”
Ngemuva kwalolu chungechunge, amaProteas azodlala imidlalo emibili yokungcweka neBangladesh nayo futhi iPakistan, ngaphambi kokudlala owokuvula weNdebe yoMhlaba ne-England ngo-Okthoba 3.
Related Topics: