UKAPUTENI weqembu lamaProteas leT20, u-Aiden Markram.
Image: BACKPAGEPIX
UKAPUTENI weqembu lesizwe labesilisa lekhilikithi le-T20, u-Aiden Markram, uthi ama-Proteas azimisele ukuqeda umkhuba omubi wokunqotshwa kabuhlungu emidlalweni yakamuva ohambweni lwase-Australia nase-England.
AmaProteas ashaywe yi-Australia ngama-run angu-276 kwi-ODI yesithathu ngesikhathi evakashele kuleli lizwe, aphinde anqontshwa yi-England ngama-run angu-172 emdlalweni wokugcina phakathi kwala maqembu ochungechungeni lwe-ODI.
Okuqaphelekile ngale midlalo wukuthi amaProteas anqotshwe eseyithathile imidlalo emibili yokuvula, okusho ukuthi abesevele eqinisekisile ukuthi alunqobile uchungechunge.
Nokho, irekhodi lesibhaxu esibi liphinde laqhubeka emdlalweni wesibili we-T20 ne-England, nokuholele ekutheni uchungechunge luphele zibambane ngo 1-1. Umdlalo wesithathu awubange usadlalwa ngenxa yemvula.
UMarkram uthe bazozibheka izizathu ezenza banqobe eminye imidlalo ngamalengiso, bese bephinde benqotshwa ngendlela efanayo kweminye.
"Akekho umuntu othanda ukuhlulwa, ikakhulukazi ngamaphuzu amaningi. Kuyayilimaza imizwa. Sikhulumile ngakho ngemuva kwe-T20 yesibili njengoba sekwenzeke amahlandla amathathu. Ngigcizelele kakhulu ukuthi kufanele siqinisekise ukuthi akwenzeki futhi," kusho uMarkram.
“Uma ubheka indlela esibhekana ngayo nemidlalo, indlela esihlela ngayo, kufanele sethembe ukuthi ngempela ngeke kube yinto eqhubekayo.”
UMarkram unxuse kakhulu abadlali abashwibayo ukuthi baqhubeke nokuzethemba ngisho bebhekene nengcindezi emidlalweni ethile.
“Inkulu ingcindezi, ingakwenza uhlukane nezinhlelo noma uqhele ezintweni ohlezi uzenza kahle. Kuningi okungakudida laphaya enkundleni,” kusho uMarkram.
"Abashwibi abafani, baletha okuhlukile futhi kufanele babambelele kulokho. Isimo senkundla nezinye izinto ezithinta umdlalo yizona ezikukhombisayo uma kukhona okufanele ukushintshe, futhi nakhona hhayi kakhulu.”
AmaProteas azodlala umdlalo owodwa we-T20 neqembu lesizwe laseNamibia ngo-Okthoba 11.
Related Topics: