UTSEPO Matsimbi weSekhukhune United ebanga ibhola noPule Mmodi weKaizer Chiefs.
Image: FACEBOOK
Kaizer Chiefs (1) 1
Sekhukhune United (1) 3
ISEKHUKHUNE United yehlise izihlathi kwabaxhumene neKaizer Chiefs ngesikhathi iyibuyisela kwamhlaba ngesibhaxu emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku, e-FNB Stadium, eNasrec.
Kayizange iphele imizuzu emihlanu umdlalo uqalile, uBradley Grobler waphula irekhodi leChiefs lokungangenelwa yigoli kule sizini.
Kudlule isikhathi esincane, iChiefs yalinganisa ngonyawo lukaFlavio da Silva umdlalo ungakafiki emizuzwini engu-15.
UGrobler ushaye elesibili zibuya kwesesibili elilandelwe eduze elikaThabang Monare okugcine kuyilona elivale inkundla.
Ngenxa yokuthi obezonqoba ubezokweqa iMamelodi Sundowns esicongweni, umdlalo uqale livele liphezulu isasasa kwazise bekubhekene amaqembu abalwa nayiqale kahle kunawo wonke isizini.
Ngemuva kokusayinisa ngamawala, iChiefs iye ekhefini lemidlalo yeFifa ingakaze ingenelwe yigoli, inamawini amane emidlalweni yokuqala emihlanu, yadlala ngokulingana komunye.
NakwiSekhukhune bekufana njengoba iqale umdlalo inerekhodi elifanayo neleChiefs ngaphandle kokuthi yona bese like layingenela igoli.
Lokhu bekungesinye sezinongo zalo mdlalo umqeqeshi weChiefs, uNasreddine Nabi, awuchaze njengomqoka kwazise yiwona obuzohlahla indlela ngebanga abanethuba lokulihamba kule sizini.
Kowokugcina weligi weChiefs ngaphambi kwekhefu, inqobe ngo 1-0 kwiLamontville Golden Arrows kwathi iBabina Noko yavala ngokuwina ngo 2-0 kwiDurban City.
Isiwombe sokuqala siphele zibambene futhi kucaca ukuthi kungawina noma yiliphi iqembu kwazise iChiefs ibiwuphethe umdlalo, yakha namathuba kodwa lokhu bekuyishiya izacile emuva obekuvulela iSekhukhune ithuba lokuqhamuka ngejubane njengoba yenzile ngamagoli ayo.
Nakwesesibili awuzange wehle umgqigqo nhlangothi zombili kwaze kwaba umzuzu ka-50, lapho uGrobler ebuyisele khona izivakashi ebuhleni.
Kudlule imizuzu emihlanu yaphinda yaklayeka emuva iChiefs okulandelwe wukuthi uMonare ashaye igoli lesithathu elakhelwa wuGrobler.
Kube sengathi ayayethusa iChiefs la magoli nakubalandeli, kwaqala kwasa ngokunye sekubuya umuzwa wangesizini edlule, lapho iqembu labo lidedele khona amaphuzu amaningi kade lihamba phambili.
Related Topics: