Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

AmaBokke asheshe ayidlulisa eyokutitinya iNew Zealand

Xolile Mpisane|Published

UKAPUTENI wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, equkula iFreedom Cup kulandela ukunqoba kwabo iNew Zealand emdlalweni weRugby Championship ngoMgqibelo.

Image: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus, uveze ukuthi nakuba ekujabulele ukubhaxabula kweqembu lakhe iNew Zealand ngo 43-10 eWellington ngoMgqibelo, kodwa kufanele bagxile emidlalweni yabo esele njengoba beqhubeka nokulwela ukuvikela isicoco seRugby Championship. 

Ukunqoba ngalolu hlobo kuqinisekise ukuthi amaBokke ayayigcina iFreedom Cup, okuyindebe ekhethekile abayibanga njalo nama-All Blacks.

U-Erasmus uthe badinga ukuzithoba, bagxile emsebenzini obamele. 

“Sake sahlulwa kabuhlungu sibhekene nama-All Blacks ngesikhathi esixebula ngo 57-0, kanti nasemdlalweni odlule ngesikhathi esishaya e-Eden Park, awazange asiklolodele. Sijabule ngomphumela nangendlela iqembu elidlale ngayo,” kusho u-Erasmus.

“Abadlali abebengekho eqenjini balisizile ngesikhathi lilungiselela lo mdlalo. Kuyajabulisa ukubona indlela laba abadlalile abakhombise ngayo ukuthi bayakwazi ukwenza kahle kuleli zinga.

"Akukho esikuzuzile. Wonke amaqembu asenalo ithuba lokuwina lo mqhudelwano futhi sisazobhekana neqembu eliqinile lase-Argentina kabili. Senze amaphutha ambalwa emizuzwini yokuqala engu-30 futhi asingabazi ukuthi iNew Zealand izovuka izithathe emidlalweni ezayo. Sizowujabulela lo mphumela bese siqala ukubheka i-Argentina."

Njengoba i-Argentina ishaye i-Australia ngo 28-26 eSydney, ngoMgqibelo, mncane umehluko phakathi kwamaqembu kwi-log yeRugby Championship.

I-Australia isesicongweni ngamaphuzu angu-11, ilandelwe yiNingizimu Afrika ngangu-10, iNew Zealand ngawu-10 ne-Argentina ngayisishiyagalolunye.

AmaBhokobhoko azobhekana ne-Argentina eThekwini, ngoSepthemba 27, aphinde nayo eTwickenham, eLondon, ngo-Okthoba 4. 

INew Zealand izotholana phezulu ne-Australia eDunedin ngoSepthemba 27, baphinde eBrisbane ngo-Okthoba 4.