UMDLALI wasesiswini kwI-Orbit College, u-Atisang Batsi, okunguyena ophethe irekhodi lokuba ngumdlali waphakathi omdala kunabo bonke kwiBetway Premiership
Image: BACKPAGEPIX
PHEZU kokuba ngumdlali waphakathi omdala kunabo bonke kwiBetway Premiership kule sizini ka-2025/26, kodwa u-Atisang "Madala" Batsi we-Orbit College, akayishayi mkhuba eyaleli rekhodi.
UBatsi (42) odabuka eSchweizer-Reneke, eNorth West, yisizini yakhe yokuqala edlala kwiPremiership ne-Orbit asuka nayo kwiMotsepe Foundation Championship.
Emidlalweni emihlanu asayidlalile kule sizini kwiPremiership, useqophe irekhodi elisha lokuba ngumdlali waphakathi omdala kunabo bonke emlandweni.
Leli rekhodi uliqophe ngo-Agasti 9, i-Orbit idlala naMaZulu FC koweBetway Premiership ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ephula elikaJohn “Shoes” Moshoeu, ongasekho, owayeneminyaka engu-42 nezinyanga ezine ngenkathi ewagaxa emgibeni kuMaZulu FC ngoMeyi, ka-2008.
Leli rekhodi likaMoshoeu ulephule ngokuba neminyaka engu-42 nezinyanga eziyishumi, njengoba ngoSepthemba 27, ezohlanganisa iminyaka engu-43.
UBatsi noMoshoeu balandelwa uSiyabonga Nomvethe owawagaxa emgibeni eneminyaka engu-41 nezinyanga ezinhlanu kuMaZulu ngo-2019.
Nokho, u-Andre Arendse owayengunozinti, nguyena osaphethe irekhodi lokuba ngumdlali omdala kunabo bonke kwiPremiership njengoba ayeka ibhola eneminyaka engu-45 nezinyanga eziyishumi ngo-2013, evimbela iBidvest Wits.
“Okokuqala nje, kusho lukhulu kimina ukuthi ligcine lifezekile iphupho lami lokudlala kwiPremiership phezu kweminyaka yami yobudala, sengina-42. Lokho nje kukodwa ngikuthatha njengenhlanhla engandele bani ngoba akulula neze ukuthola ithuba lokudlala kwiPremiership usukule minyaka yobudala engikuyo. Lokhu kuyohlale kungumlando kimina engingasoze ngawulibala nanini, noma sengaliyeka ibhola,” kusho uBatsi.
“Okwamanje akukangifikeli ukuyeka ibhola, ikakhulukazi njengoba le kuyisizini yami yokuqala kwiPremiership, ngisakuthokozela ukudlala kulesi sigaba okukade ngangifisa ukudlala kuso.
"Eyokwephula amarekhodi angiyifakile emqondweni wami, inqobo nje uma kusavuma ngiyodlala ngize ngifike ku-46. Ngisazizwa ngiwumqemane futhi ngikholwa wukuthi ngisengadlala amanye amasizini amathathu inqobo nje uma umzimba wami usavuma neqembu lami lisangidinga.
"Engikuthandazelayo nje wukuthi singadliwa yizembe kule sizini kwiPremiership, ngoba angiboni ukuthi likhona elinye iqebu lePremiership elingasayinisa “umadala” ongangami."
“Okungenza ngikwazi ukuqhubeka nokudlala ibhola ngize ngibe kule minyaka engikuyona wukunakekela umzimba wami, ngokuhlala ngokuzivocavoca ngisho ngingadlali, nokungaphuzi utshwala nokubhema. Kodwa ngiyazi ukuthi sizogcina sifikile isikhathi sokuthi ngiliyeke ibhola ngakho ngisezinhlelweni zokwenza izifundo zokuqeqesha ngoba angizimisele ngokuphuma ebholeni.”
IMswenko Boys esanqobe umdlalo owodwa yahlulwa kwemine kwemihlanu esadlaliwe yePremiership, inenselelo yokubhukula emidlalweni elandelayo esazoyidlala ukugwema ukuvika izembe zisuka kwiPremiership.
Ngemuva kwekhefu leFifa, izobuyela ensimini ngokubhekana neChippa United ngoSepthemba 16, eBuffalo City Stadium, e-East London,
Related Topics: