UKHANYISA Mayo osanda kusayiniswa yiKaizer Chiefs esuka kwi-CR Belouizdad yase-Algeria, owelulekwa nguyise owadlala kuleli qembu eminyakeni edlule ngakufanele akwenze ukuze aphumelele eNaturena
Image: KAIZER CHIEFS
U-PATRICK Mayo owayengumdlali weKaizer Chiefs eminyakeni edlule, weluleke indodana yakhe, uKhanyisa Mayo, ngokufanele akulindele kuleli qembu laseNaturena.
UKhanyisa (27) ubolekiswe kwiChiefs yiCR Belouizdad yase-Algeria, kuze kuphele isizini ka-2025/2026.
Lo mgadli okhulele enkulisa yeChippa United neyeSuperSport United, ujoyina Amakhosi nje, bese kunesikhathi eyamaniswa nawo. Empeleni kwakufanele awajoyine ngaphambi kokuya e-Algeria, kodwa kwangavunyelwana ekugcineni.
“Kwenzeke into osekunesikhathi eyifisa, ukudlalela iChiefs (Kaizer) okuyiqembu akhule elilandela.
Manje sekuyisikhathi sokuthi asebenze, akhombise ukuthi kungani esayiniswe yiChiefs. Okokuqala akufanele akwazi ukuthi ukudlalela iChiefs akufani nokudlalela noma yiliphi iqembu ngoba iyiqembu elikhulu eNingizimu Afrika, elihlale lilwela ukunqoba izindebe. Inabalandeli abaningi abakhuluma noma yini abayicabangayo ngabadlali balo abenza kahle nabangenzi kahle enkundleni. Ngakho kuzofanele azibophele ekusebenzeni ngokuphindiwe ukuze afeze lokho afisa ukukufeza neqembu,” kusho uMayo.
“Akufanele akuthathe njengengcindezi ukuthi usedlalela iqembu elalidlalelwa ubaba wakhe. Kumele azi ukuthi yena unguKhanyisa odlala ngendlela yakhe nozozakhela elakhe igama lakhe kwiChiefs. Ngikholwa wukuthi usevuthiwe, usekulungele ukuyodlala eqenjini elinjengeChiefs. Ngakho, sekusezandleni zakhe ukusebenzisa leli thuba asenikwe lona elifiswa ngabadlali abaningi lapha eNingizimu Afrika.”
UKhanyisa owashaya amagoli angu-32 kwiCape Town City adlale kuyona amasizini amathathu, uzobanga ijezi nabagadli abasha kwiChiefs okunguFlavio Silva osuka kwiPersebaya yase-Indonesia, u-Etiosa Ighodaro osuka kwiMamelodi Sundowns noLuke Baartman osuka kwiCape Town Spurs.
Kanti kusekhona nabanye leli qembu elivele ligqishe ngabo okungu-Ashley Du Preez, uWandile Duba noTashreeq Morris.
Amakhosi ayiqale ngonyawo oluhle isizini yeBetway Premiership. Kuyiwe ekhefini leFifa esendaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-13. Awakahlulwa futhi awakangenelwa yigoli emidlalweni emihlanu yePremiership esadlaliwe. Abuyela ensimini ngomdlalo wasekhaya azowudlala neSekhukhune eFNB Stadium, eNasrec, kusasa ngo-7.30 ebusuku.
Related Topics: