UMDLALI wamaBhokobhoko esifazane, uSinazo Mcatshulwa.
Image: BACKPAGEPIX
AMABHOKOBHOKO esifazane azongena ezethemba emdlalweni wama-quarterfinal eNdebe yoMhlaba azowudlala ne-New Zealand phezu kwenselelo enzima yokubhekana nompetha, ngokusho komdlali ogijima kwi-flank uSinazo Mcatshulwa.
AmaBokke namaBlack Ferns bazodudulana eSandy Park e-Exeter, e-England, ngoMgqibelo ngo-2 ntambama.
INingizimu Afrika izibekisele indawo kuma-quartefinal ngokuqeda endaweni yesibili ku-Pool D.
Ivule ngenkulu impumelelo ibhubhudla iBrazil ngo 66-6, yalandelisa ngokuguqisa i-Italy ngo 29-24. Nakuba iyisonge kabi imidlalo yamaqoqo inqotshwa yiFrance ngo 57-10 kodwa umsebenzi omkhulu ibisiwenzile njengoba ibisizibekisele indawo kweyomkhumulajezi okokuqala ngqa.
INew Zealand iqede esicongweni kuPool C lapho ixebule khona iSpain ngo 54-8, iJapan 62-19 ne-Ireland ngo 40-0.
Lawa maqembu awajwayele ukubhekana kodwa imidlalo yakamuva ayidlalele kuleli idwebe isithombe ngokufanele amaBhokobhoko akulindele futhi akwenze ngoMgqibelo.
NgoJulayi, amaBlack Ferns aguqise amaBhokobhoko ngo 34-26 eKapa, kodwa iqembu lakuleli lavuka lanqoba umdlalo wesibili ngo 41-24.
USinazo ukholwa wukuthi uma benza okufanele, baphinde baqhubeke nokusebenzisa amandla abo, bazokwazi ukuqhudelana namaBlack Ferns.
"Asikaze sifinyelele kulesi sigaba phambilini kodwa lokho kuyasijabulisa kunokuthi kusethuse. Sisanda kubhekana namaBlack Ferns ekhaya futhi sakwazi ukubona indlela adlala ngayo kodwa siyazi ukuthi leli yiqembu elithe ukwehluka,” kusho uMcatshulwa.
“Esikubonile sidlala nabo eKapa, wukuthi akulula kunoma yiliphi iqembu ukumelana namandla ethu uma siwasebenzisa ngendlela futhi lokho kusinika ukuzethemba.”
INingizimu Afrika izongena kulo mdlalo engekho umdlali ogijima maphakathi, uChumisa Qawe, othole ikhadi elibomvu bedlala neFrance, wamiswa imidlalo emibili.
Yize kunjalo, uMcatshulwa usanethemba ngomdlalo wangoMgqibelo.
“Siwulungiselele kahle lo futhi sikhombisile ukuthi singadlala namaqembu ahamba phambili.
Iqhinga elingasisebenzela ngempelasonto ukubheka ukuthi yini esifuna ukuyizuza bese sijabulela ukuba senkundleni,” uqhube kanje.
“Senze kahle ezinyangeni ezimbalwa ezedlule futhi ngiyazi ukuthi siyakwazi ukudlala namaqembu awinile. Umdlalo wangempelasonto uzodinga ukuthi siphinde siqine phambili ukuze sinikeze abadlali bethu basemuva ithuba lokudlala. Ngikholwa wukuthi singakwenza lokho.”
Related Topics: