Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

U-Ouaddou nesithembiso kwabeBucs ngendebe yeMTN8

Sibusiso Mdlalose|Published

UMQEQESHI we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, ukhulume okokuqala nabezindaba kulandela ingozi ebavelele emasontweni adlule

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

KUSHO lukhulu kumqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, ukuthola elinye ithuba lokuphila, ahole leli qembu emdlalweni wamanqamu weMTN8 elizowudlala neStellenbosch FC ngoMgqibelo ngo-6 ntambama, eMbombela Stadium, eNelspruit. 

U-Ouaddou ukhulume okokuqala nabezindaba izolo, esithangamini ebesiseRand Stadium, eGoli, kulandela ukulimala engozini yemoto nabanye ozakwabo abahlanu esingakadalulwa isimo sabo. Behlelwe yile ngozi ngo-Agasti 31, bebuya emdlalweni weBetway Premiership neChipppa United lapho beshayiswe khona yimoto bezama ukusiza abebevelelwe yingozi emgwaqweni. 

Lo mqeqeshi odabuka eMorocco, uzobe ehlezi okokuqala ebhentshini lePirates emdlalweni wamanqamu kusukela eyijoyinile ngaphambi kokuqala kwesizini esuka kwiMarumo Gallants afikele kuyona eNingizimu Afrika ngesizini edlule. 

“Okokuqala, ngiyaziqhenya kakhulu ngokufinyelela kowamanqamu (eMTN8) nabadlali bami neqembu lonke jikelele. Ngizwa ngifikelwa wumunyu ngenxa yokuthi ngithole elinye ithuba lokuthi ngiphinde ngikwazi ukukhuluma nani (abezindaba) namuhla. 

"Ngakho ngibonga bonke abasebenzi baseSt Helen (Joseph) Hospital, odokotela, nabo bonke ababambe iqhaza ekutheni ngikwazi ukuthi ngiphinde ngikwazi ukukhuluma nani kanje ngomdlalo esizowudlala,” kusho u-Ouaddou, ofike esithangamini egodle ingalo enokhonkolo ngenxa yokulimala. 

Ngaphandle kokuthi u-Ouaddou usethubeni lokuwina indebe yakhe yokuqala eMzansi, unengcindezi yokuqhubeka lapho okugcine khona uJose Riveiro owine iMTN8 kathathu kulandelana. 

Ekhuluma ngomdlalo wamanqamu wangoMgqibelo, lo mqeqeshi uthe uyakuqonda ukubaluleka kwendebe yeMTN8 kuleli qembu nabalandeli balo.

“Ngikuqonda kahle okulindelwe ngabalandeli bePirates ngalo mdlalo wamanqamu esizowudlala kanti futhi ngiyakuqonda abakulindele kimina njengoba kuzobe kungokokuqala ngihola leli qembu emdlalweni wamanqamu. Le ndebe yeMTN8 isifana nendebe yePirates njengoba isiyinqobe amahlandla amaningi kulandelana. Nokho engingakusho wukuthi akukho engizokushintsha kulo mdlalo. Ngizokwenza njengoba senzile kusukela ekuqaleni komqhudelwano, sizame ukwenza kangcono kwezinye izindawo esingenzanga kahle kuzona kweminye imidlalo esiyidlalile ngaphambi kowamanqamu. Kodwa ngaphandle kokungabaza, silindele umdlalo onzima kwiStellenbosch, ukuthi sibahlulile emdlalweni weligi. Akusho ukuthi sizobahlula kalula nakowamanqamu ngoba umdlalo womkhumulajezi uyehluka kakhulu kunoweligi," kusho u-Ouaddou.

Lo mdlalo wamanqamu weZimnyama neStellies ufaniswa nowamagqubu, kwazise ngenkathi eZimnyama ziguqisa iStellies ngo 3-1 kowamanqamu nyakenye, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, abaleli qembu laseStellenbosch bakhale ezimathonsi ngezinqumo zikanompempe obephethe umdlalo. 

Ngakolunye uhlangothi, eZimnyama zisethubeni lokuqopha umlando ngokudla isicoco seMTN8 okwehlandla lesine iminyaka ilandelana. Ziyiphakamise ngo-2022, 2023 no-2024, okungakaze kwenzeke kusukela wasungulwa lo mqhudelwano womkhumulajezi.