UMQEQESHI weVenda FC, uClinton Larsen, ezakhe ezisayiqale ngonyawo oluhle isizini yeMotsepe Foundation Championship unenselelo yokwenza okufanayo nakwenza kwiMagesi FC eyinqobela isicoco kumasizini adlule
Image: BACKPAGEPIX
UKHOLWA wukuthi ukushintsha indlela yokucabanga kubadlali bakhe yikho okwenze leli qembu layiqala ngonyawo oluhle isizini yeMotsepe Foundation Championship umqeqeshi weVenda FC, uClinton Larsen.
IVenda ebivika izembe ngesizini edlule, ibalwa namaqembu ayiqale kahle isizini ka-2025/26 yeMotsepe Championship. Isendaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu amane.
Ivule isizini ngokubambana ngo 0-0 neCape Town City, yalandela ngokushaya iGomora United ngo 2-1 ngeledlule.
“Into yokuqala engifike ngayitshela abadlali bami wukuthi kule sizini asilweli ukuhlala kwiMotsepe Championship kodwa silwela ukuwina iligi. Bekubaluleke kakhulu ukuthi ngiyishintshe indlela yokucabanga kubadlali ingakaqali kwakuqala isizini ngoba ngesizini edlule leli qembu belibalwa nabevika izembe. Kumanje abadlali badlala ngokukhulu ukuzethemba, ikakhulukazi labo ebebevele bekhona ngesizini edlule nalaba abajoyine iqembu kule sizini,” kusho uLarsen.
Lo mqeqeshi odabuka eWentworth, eThekwini, uthathe izintambo zokuqeqesha iVenda yaseLimpopo waqinisa isikwati sakhe ngabadlali abanamava okudlala kwiBetway Premiership okubalwa kubona uDeolin Mekoa, Motebang Sera, Sibusiso Sibeko, Anathi Ngwadla noThato Lingwati.
UMekoa noNgwadla basuka kwiMagesi FC anqobe nayo indebe yeCarling Knockout ngesizini edlule. USera noLingwati basuka kwiRoyal AM, kanti uSibeko ubedlalela iLamontville Golden Arrows.
“Uma ufuna ukulwela isicoco seligi kulesi sigaba udinga ukuba nabadlali abanamava ukuze ukwazi ukumelana nengcindezi yalesi sigaba okuyisigaba engisithatha njengesinzima ukwedlula eseBetway Premiership. Ngakho abadlali abanjengoDeolin, uMotebang noThato, ngikholwa wukuthi bazolisiza kakhulu iqembu, futhi sebeqalile ukukukhombisa emidlalweni embalwa esisayidlalile,” kuqhuba uLarsen owafaka iMagesi FC kwiBetway Premiership ngokudla isicoco seMotsepe Championship ngesizini ka-2023/24.
Ngesizini yokuqala iMagesi igijima kwiPremiership, yamangaza abaningi idla isicoco seCarling Knockout ngokuguqisa iMamelodi Sundowns kowamanqamu.
Ebuzwa ngethuba lokuqopha omunye umlando nelinye iqembu laseLimpopo, uLarsen ukubeke kwacaca ukuthi unaso isifiso salokho.
“Nginalo ithemba lokwenza okufanayo nengakwenza kwiMagesi. Ngabadlali enginabo abanamava, kanye nabasebancane abasalambele ukuzakhela igama ebholeni elikhokhelayo, ngikholwa wukuthi ngingakwazi ukusifeza lesi sifiso. Kubalulekile ukuyiqala kahle isizini kodwa kusazodingeka sisebenze kanzima, silwele ukubamba umgqigqo esiqale ngawo isizini.
Ngakho liyangijabulisa leli khefu leFifa ngoba ngizokwazi ukulungisa izindawo lapho esisaxega khona. Kuningi engifuna ukuthi kuqambe kushaya isikhathi sokubuya ekhefini ngibe sesikulungisile," kusho uLarsen.
IVenda izobuyela ensimini ngomdlalo wasekuhambeni neMilford FC ngoMgqibelo eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay, ngo-3 ntambama.
Related Topics: