UMSHWIBI wamaProteas, uKeshav Maharaj, ohamba phambili emhlabeni kuma-ODI.
Image: BACKPAGEPIX
AKAKUVUMELI kumfakele ingcindezi ukuba ngumshwibi okleliswe phezulu emhlabeni kuma-One Day International (ODI) umshwibi wamaProteas, uKeshav Maharaj.
Lo mshwibi ubebambene nowaseSri Lanka, uMaheesh Theekshana, ngesikhathi kusongwa uchungechunge lwe-ODI e-Australia.
Usehlezi yedwa esicongweni kulandela ukuthatha amawikhethi amane ngesikhathi amaProteas enqoba i-England emdlalweni wokuvula ngoLwesibili.
“Izinombolo nokukleliswa yizinto ezinhle kodwa ngifuna ukuba ngumdlali ongcono usuku nosuku. Ngisazithatha njengomfundi wekhilikithi futhi ngikholwa wukuthi ufunda okuthile kuyona yonke imidlalo oyidlalayo.
“Kumnandi ukwazi ukuthi ngihamba phambili kubashwibi kuma-ODI kodwa angigxili kakhulu kulokho," kusho uMaharaj.
AmaProteas aqhubekile nomgqigqo omuhle kuma-ODI enqoba i-England ngamawikhethi ayisikhombisa emdlalweni wokuqala wochungechunge eHeadingley.
La maqembu azophinde abhekane kowesibili ozoqala ngo-2 namuhla ntambama eLord’s Cricket Ground, eLondon.
UMaharaj uthe nakuba bebengcono kune-England emdlalweni wokuqala kodwa balindele ukuthi ibuye ngamandla kowesibili, izame ukulinganisa.
“Bekumnandi ukuqhubeka nomgqigqo wokunqoba uchungechunge esisanda kulundla e-Australia nokubona iqembu linamathela ezinhlelweni zalo. Kodwa-ke, umdlalo nomdlalo uhlukile,” uqhube kanje uMaharaj.
“Kufanele siqale phansi emdlalweni wesibili ngoba nginesiqiniseko sokuthi i-England nayo izowuhlaziya owokuqala, ibone lapho kufanele ithuthuke khona. Nathi sizokwenza okufanayo futhi ngilindele umdlalo osezingeni eliphezulu eLord’s.”
AmaProteas azokwenza okungenani ushintsho olulodwa kulo mdlalo njengoba uTony de Zorzi edonseke umsipha kowokuqala. Lo mdlali uzobuyela kuleli futhi ngeke esadlala kulolu chungechunge.
Izindaba ezinhle wukuthi uMatthew Breetzke, naye obedonseke umsipha osethangeni, useluleme ngokuphelele futhi usethubeni lokudlala namuhla.
Related Topics: