Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

UHunt usethembe ikhefu leFifa ukulungisa amaphutha

Sibusiso Mdlalose|Published

UMQEQESHI weDurban City, uGavin Hunt, obona ikhefu leFifa njengethuba elikahle lokulungisa amaphutha kwezakhe ngemuva kokwehlulwa okokuqala kule sizini ngeledlule ziguqiswa yiSekhukhune United koweBetway Premiership

Image: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI weDurban City, uGavin Hunt, ozwakalise ukushaqeka ngamaphutha odongeni lwakhe lwasemuva beshaywa yiSekhukhune United ngempelasonto koweBetway Premiership, ubona ikhefu leFifa kuyilona eselizobanika isikhathi esanele sokulungisa amaphutha njengoba bezoba nemidlalo enzima kule nyangaa.

Kuphazamiseke umgqigqo weCity wokungehlulwa emidlalweni emine yokuqala yesizini yePremiership ibhaxabulwa yiSekhukhune United ngo 2-0 ngoMgqibelo, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane. 

Amaphutha odongeni lwasemuva lweCity oluholwa ngunozinti, uDarren Keet, obe yikhongco elibuthaka ngephutha alenzile kwelinye lamagoli emdlalweni waleli qembu neSekhukhune, yiwona aholele ekubuyeni nenduku yombangandlala. 

“Ngiyavuma iSekhukhune iyiqembu elihle elinabadlali abanamava kakhulu kodwa bekungafanele basidle ngalawa magoli abasidle ngawo. Kuyadumaza lokhu. 

Womabiliamagoli angene ngamaphutha awubungane, okungafanele kube ngamaphutha asiphindayo kweminye imidlalo esisazoyidlala,” kusho uHunt, ezakhe ezisendaweni yesithupha kwi-log yePremiership ngamaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni emihlanu. 

“Nokho, yize kunjalo ngesiwombe sesibili sidlale kangcono kakhulu sabathwalisa kanzima, kwaba yikho-ke nje ukuthi banabadlali abaningi abanamava nokufanele sibancome ngalokho.”

Nokho, lo mqeqeshi unethemba lokuthi ikhefu leFifa lizobanika isikhathi esanele sokuqinisa amabhawodi axegayo. 

“Leli khefu leFifa kufanele nakanjani silisebenzisele ukulungisa amaphutha ambalwa esibe nawo, ikakhulukazi odongeni lwethu lwasemuva. 

Empeleni asenzi kabi odongeni lwasemuva uma ubheka ukuthi emidlalweni emine besisangenelwe yigoli elilodwa kuphela, kwaba yiwo-ke la maphutha esibenawo kwiSekhukhune. 

Sizoba nemidlalo enzima ngemuva kwekhefu leFifa, neminye enzima ngaphambi kwekhefu le-Afcon ngoDisemba, ngakho kusafanele sisebenze."

Ukwenza amaphutha kukaKeet emdlalweni weSekhukhune, kufanele nakanjani kuphoqe uHunt abheke phakathi kukaFredrick Asare no-Ayanda Mtshali ukuthi yimuphi unozinti azombophela ezintini zaleli qembu emdlalweni olandelayo iCity ezowudlalela ekhaya neSiwelele FC ngoSepthemba 16, eChatsworth Stadium. 

Ngemuva koweSiwelele, iBlue Citizens izodlala neMamelodi Sundowns ekuhambeni ngoSepthemba 20, ilandele ngeStellenbosch FC ngoSepthemba 24, ivale uSepthemba ngeMagesi ngoSepthemba 27.