Pressure to deliver Nasreddine Nabi
Image: BackpagePix
UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, ubona ikhefu leFifa lizobanika isikhathi esanele sokuqinisa amabhawodi ambalwa kuleli qembu eliyiqale ngonyawo oluhle isizini yeBetway Premiership.
IChiefs iqhubeke nefomu yayo yokunqoba kwiPremiership ngokuguqisa iLamontville Golden Arrows ngo 1-0 ngoMgqibelo, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Ngalokhu, iqhubekile nokuhlala endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-13. Ibambene neSekhukhune United eqhwakele ngemuva kwemidlalo emihlanu esadlaliwe.
Amakhosi asenqobe imidlalo emine kwemihlanu asayidlalile kwiPremiership, adlala ngokulingana kowodwa futhi awakangenelwa yigoli. Ukungangenelwa yigoli emidlalweni eyisihlanu yokuqala yesizini yagcina ukwenzeka kwiChiefs ngesizini ka-2019/20.
Ngemuva kwekhefu leFifa lemidlalo yamaqembu esizwe yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026, Amakhosi azobuyela ensimini ngomdlalo wasekhaya neSekhukhune United ngoSepthemba 13, eFNB Stadium, eNasrec.
Lona ngumdlalo obhekwe kakhulu ngabathandi bebhola baseMzansi kwazise iBabina Noko nayo ayigayelwa mphako kule sizini njengoba ingakehlulwa emidlalweni emihlanu yePremiership esadlaliwe.
“Ikhefu leFifa ngibona lizosisiza ekulungiseni ezinye izindawo engikholwa wukuthi sisadinga ukwenza kangcono kuzona ukuze iqembu ligcine liyilento esifuna libe yiyo.
"Luselude ukhalo esisazoluhamba kule sizini ngakho sidinga ukwenza kangcono kakhulu kunalokhu esisakwenzile njengamanje,” kusho uNabi.
“Sifuna ukubona iChiefs ingenabo ubunzima bokulawula imidlalo. Sikwazi ukuyilawula imidlalo esiyidlalayo, singazitholi sidedela umdlalo kalula siwuphethe.
"Ngabadlali esinabo njengamanje okubalwa nesibasayinise kule sizini, kubukeka sekuqala ukuhlangana kodwa usemningi umsebenzi osasihlalele.”
Lo mqeqeshi usho kanjena nje, abanye babadlali abasayiniswe yileli qembu kule sizini, sebeqalile ukukhombisa izimpawu zokuba ngabazoba wusizo kuleli qembu lizoyibamba nasemidlalweni yeCaf Confederation Cup kule sizini.
Laba badlali nguSiphesihle Ndlovu, Thabiso Monyane, Paseko Mako noFlavio Silva. USilva odabuka eGuinea-Bissau, ushaye igoli lakhe lokuqala kuleli qembu okuyilona enqobe ngalo liguqisa iLamontville Golden Arrows ngoMgqibelo, kowePremiership, eMoses Mabhida.
Ngemuva komdlalo wePremiership neSekhukhune ngoSepthemba 13, Amakhosi azodlala neKabuscorp yase-Angola kowomzuliswano wokuqala womqhudelwano weConfederation Cup ngoSepthemba 19, ekuhambeni.
Related Topics: