USIYA Kolisi noWillie le Roux ngabanye babadlali abamnkantshubomvu ababuyiswe ngumqeqeshi wamaBhokobhoko eqenjini elizobhekana neNew Zealand kusasa.
Image: BACKPAGEPIX
UBOPHELE omakadebona eqenjini elizobhekana neNew Zealand emdlalweni wakusasa weRugby Championship umqeqeshi wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus.
AmaBokke nama-All Blacks bazotholana phezulu e-Eden Park, e-Auckland, ngoMgqibelo ngo-9.05 ekuseni.
U-Erasmus wenze izinguquko ezine eqenjini elinqobe i-Australia emdlalweni wakamuva eKapa, ebuyisa uSiya Kolisi, Eben Etzebeth, Pieter-Steph du Toit noWillie le Roux.
Nakuba uKolisi ezowuqala umdlalo kodwa iqembu lizobe liholwa nguJesse Kriel, obe ngukaputeni kweminye imidlalo ngesikhathi uKolisi engekho.
“Sikhethe iqembu esikholwa wukuthi yilona elilungele lo mdlalo esaziyo ukuthi uzoba yingqophamlando phakathi kwethu nama-All Blacks e-Eden Park. Iningi lalaba badlali selike lasenzela umsebenzi omuhle sibhekene naleli qembu,” kusho u-Erasmus.
"Besingenaso isiqiniseko sokuthi uSiya uzowulungela yini umdlalo ngemuva kokuthinteka emdlalweni wokuqala ne-Australia. UJesse ubesetsheliwe ukuthi uzoba ukaputeni, sabona kulungile ukuthi sigcine izinto zinjalo. Ungumholi futhi ungomunye wabadlali ababalulekile eqenjini lethu."
AmaBhokobhoko abheke ukunqoba ama-All Blacks e-Eden Park okokuqala kusukela ngo-1937, nokho, aselihlule kane kulandelana leli qembu emidlalweni emine yakamuva edlalwe ngo-2023 nangonyaka odlule kwezinye izinkundla, okuhlanganisa nowamanqamu weNdebe Yomhlaba ka-2023.
“Kusobala ukuthi lo mdlalo uzoba yinselelo ehluke ngokuphelele kule esibhekane nayo eminyakeni emibili edlule njengoba uzodlalelwa eNew Zealand futhi enkundleni abanerekhodi elimangalisayo kuyona,” uqhube kanje u-Erasmus.
“Sisebenze kanzima emininingwaneni emincane ebesifuna ukuyilungisa ngemuva kwemidlalo yethu namaWallabies. Sekusele kithina ukuthi sisebenzise izinhlelo zethu futhi sidlale ngendlela esingaziqhenya ngayo.
“Umlando phakathi kwalawa maqembu womabili uyazikhulumela ngakho silindele ukuthi kube umdlalo onzima.”
Ama-All Blacks aqhwakele kwi-log yeRugby Championship ngamaphuzu ayisithupha, kulandele i-Australia ngamahlanu, kanti amaBhokobhoko ne-Argentina banamaphuzu amane iqembu ngalinye.
I-Australia ne-Argentina bazodudulana eQueensland Country Bank Stadium, e-Australia, ngoMgqibelo ngo-6.30 ekuseni.
Related Topics: