UMGADLI weLamontville Golden Arrows, uJunior Dion, ofunelwa umshayimagoli ozomthwalisa umthwalo wokushaya amagoli kuleli qembu
Image: Isithombe:BACKPAGEPIX
I-LAMONTVILLE Golden Arrows ithungatha umgadli ovuthayo ozobambisana noJunior Dion wase-Ivory Coast, oyiqale ngesivuvu isizini yeBetway Premiership.
IGolden Arrows eguqiswe yiKaizer Chiefs ngo 1-0 koweBetway Premiership ngoMgqibelo, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, isashaye amagoli amahlanu emidlalweni emihlanu yePremiership. Kula magoli, amathathu ashaywe nguDion osayine kuleli qembu esuka kuMaZulu ngaphambi kokuqala kwesizini.
Yize uDion esefomini enhle kusukela kuqale le sizini kodwa kunokusabela kubalandeli baleli qembu ukuthi ukulimala kwakhe kungase kuyishiye dengwane i-Arrows njengoba engakabonakali omunye umgadli ozolekelelana naye ekushayeni amagoli.
Abanye abagadli be-Arrows nguThokozani Khumalo osuka kwiMkhambathi kwiKZN ABC Motsepe League, Jerome Karelse owayeyibamba eqenjini leDStv Diski Challenge leMamelodi Sundowns noLungelo "Mbesuma'' Nguse.
“Kuyiqiniso ukuthi sisamfuna umgadli kodwa siyayicubungula leyo ngoba sisazitshela ukuthi kusafanele sizinike isikhathi okwamanje ngoba sisenomgadli obesalimele uLungelo Nguse ongase abuye maduze njengoba eseluleme. Sinaye noThokozani Khumalo engikholwa wukuthi ngokuhamba kwesikhathi eba nokuzethema uzolisiza iqembu ngoba ungumgadli obukhali.
"Ngakho asifuni ukujaha ngoba singaze sizithole sisayinisa umgadli ongeyona le nto esiyifunayo nongeke asisize.
"Kunabadlali ababili engisazobasayinisa maduze nengikholwa wukuthi bazolisiza kakhulu iqembu,” kusho uMngqithi ongathandanga ukubadalula laba badlali azobasayinisa."
Ngaphandle kukaNguse obuya ekulimaleni, i-Arrows isenoBongani Cele oshaye igoli elilodwa emidlalweni engu-12 ngesizini edlule.
Kuvela elokuthungatha umgadli kwaBafana Bes’thende nje, iwindi lokusayinisa nokubhalisa abadlali lizovala ngoSepthemba 22, Kubagadli abangenamaqembu kubalwa uZakhele Lepasa ohlukane ne-Orlando Pirates ngaphambi kokuqala kwesizini.
Ngemuva kwekhefu leFifa, Abafana Bes’thende bazobuyela ensimini ngomdlalo wasekuhambeni nePolokwane City ngoSepthemba 17, e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane