UMQEQESHI waMaZulu FC, u-Arthur Zwane, osalokhu ekhale njalo ngabadlali bakhe abageja oqekelele bamathuba okushaya amagoli selokhu kuqale isizini yeBetway Premiership
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI waMaZulu FC, u-Arthur Zwane, ukholwa wukuthi ukuba abadlali bakhe bawasebenzisa ngendlela amathuba abawatholayo phambi kwamapali ngabe kukhulunywa olunye udaba ngamaphuzu asebewaqoqile nendawo abakuyona kwi-log yeBetway Premiership.
UZwane ukusho lokhu ngemuva kokuba ezakhe zihambe phambili isikhathi eside kodwa zagcina ziphume nephuzu kwiSekhukhune emdlalweni wePremiership ophele zibambene ngo 1-1 ePolokwane, ngoLwesithathu.
Akakufihlanga ukukhathazeka kwakhe ngenqwaba yamathuba ayekwe ngabadlali bakhe kulo mdlalo akholwa wukuthi bekufanele bawunqobe ikakhulukazi ayekwe ngumgadli uThandolwenkosi Ngwenya obabeke phambili.
“Silahle amathuba amaningi kakhulu kulo mdlalo, uThando (Ngwenya) eyedwa nje bekufanele ngabe ushaye amagoli amahlanu uma ubheka oqekelele bamathuba awatholile esebhekene nonozinti. Nokho siyakholelwa kuyena ekutheni usasozitholela amanye amagoli kweminye imidlalo, okuyingakho simgcine umdlalo waze waphela.
Le nto yokwehluleka kwethu ukusebenzisa amathuba okushaya amagoli iyangikhathaza. Nangenkathi sidlala neSundowns kwenzeke into efanayo, sigeja inqwaba yamagoli. Kodwa ngeke siphele amandla ekuyilungiseni le nkinga yethu yokuhluleka ukuqedela umsebenzi phambi kwamapali. Nokho siyalibonga iphuzu esilitholile ngoba besidlala ekuhambeni, lisho lukhulu kithina njengoba besidlala neSekhukhune edlala kahle kakhulu selokhu kuqale le sizini,” kusho uZwane.
“Ukuba siwasebenzise ngendlela amathuba esiwatholile kusukela emdlalweni wethu wokuqala weMTN8 kuya kweyeligi esisayidlalile kuze kube manje, ngabe sikhuluma olunye udaba ngamaphuzu esesiwaqoqile nendawo esikuyona kwi-log. Ngabe futhi yithina esinomgadli ohamba phambili ngamagoli njengamanje (kwiPremiership).”
Usuthu olusendaweni yesithupha kwi-log yePremiership, luzoyela ensimini ngomunye umdlalo wasekuhambeni neMagesi FC eSeshego Stadium, ePolokwane, ngo-3 ntambama.
Related Topics: