Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Uselobizela iComrades uKubheka osanda kunqoba iChasing 100 e-Italy

Sibusiso Mdlalose|Published

USIBUSISO Kubheka (ogaxe amateki entanyeni ngemuva) odle umhlanganiso emjahweni iChasing 100 e-Italy, ehlangatshezwe ngamalungu e-Xcel Running Club nabathandi bezokugijima eKing Shaka Airport, eThekwini, ngoLwesithathu

Image: SIBUSISO MDLALOSE

USIBUSISO Kubheka owenze ezibukwayo edla umhlanganiso emjahweni iChasing 100 webanga lika-100km e-Italy, usephumele obala ngokulangazelela ukuyoyibamba kwiComrades Marathon ngonyaka ozayo. 

UKubheka (27) ogijimela i-Xcel Running Club, uqophe umlando ngokuba ngumgijimi wokuqala emhlabeni oqophe isikhathi esingu-5:59:20 kulo mjaho okhethekile obuhlelwe i-Adidas, eNardo Ring, e-Italy, ngoLwesibili.

Ushiye uCharlie Lawrence wase-USA owenze u-6:03:47, no-Aleksandr Sorokin waseLuthuania olale isithathu ngesikhathi esingu-6:04:10.

USorokin nguyena obephethe leli rekhodi elephulwe uKubheka, okungelika-6:05:35 aliqopha ngo-2023, kulo mjaho. 

"Kusho lukhulu kimina ukunqoba lo mjaho, ikakhulukazi njengoba bengiqala ukugijima phesheya kwezilwandle.  

"Phezu kokuhlangabezana nobunzima endleleni ngihlushwa yisisu, okwenze ngaya endlini encane kathathu kodwa ngikwazile ukubekezela ngikhuthazwa nangumqeqeshi wami ethi angingalahli ithemba.

"Ngibonga kakhulu uxhaso lwe-Adidas ngoba ngaphandle kwalo bengingeke ngikwazi ukuziqeqesha ngendlela efanele nokugijima kulo mjaho," kusho uKubheka odabuka eLoskop, eMtshezi, kodwa okhulele eDaggakraal, eMpumalanga. 

"Ngemuva kokuphumula kahle, ngisazohlala phansi nomqeqeshi wami sihlahle indlela ebheke phambili ngezinhlelo zami zangonyaka ozayo.

"Kodwa ngingasho ngokungangabazi ukuthi nginesifiso esikhulu sokuyigijima iComrades Marathon njengoba ngingakaze ngiyigijime. Kodwa sisazohlela nomqeqeshi wami uMabhida."

Ongumqeqeshi kaKubheka, uXolani Mabhida, uthe akumumangazi okwenziwe yilo mgijimi kulo mjaho webanga lika-100km yize ebeqala ukugijima umjaho webanga elide. 

“Eqinisweni akungimangazanga ukuphumelela kukaSibusiso ngale ndlela. Besivele sikulindele lokhu akwenzile ngenxa yoxhaso lwe-Adidas esilutholile nanokusebenza kwakhe kanzima ezinikela ekuziqeqesheni elungiselela lo mjaho. 

"Kubo bonke abagijiimi abaphumelele engisebenze nabo, umsebenzi wami bewuba lula kakhulu uma sinoxhaso,” kusho uMabhida, ozakhele igama ngokucija abagijimii abasezingeni eliphezulu eNingizimu Afrika okubalwa kubona uBongumusa Mthembu.  

“Ukunqoba kwakhe lo mjaho kusho lukhulu kimina njengomqeqeshi nakuyena (uKubheka) ngokuzinikela kwakhe, kanti futhi ungumuntu olalelayo.

"Nakimina njengomqeqeshi wakhe impumelelo yakhe isho lukhulu kimina njengoba ngihlule abaqeqeshi bako-Ethiopia nakoKenya, okungamazwe aziwa kakhulu ngokuvelela ekugijimeni.

"Ngikholwa wukuthi ukunqoba kwakhe lo mjaho kuzoyishintsha impilo yakhe, athole nabanye abaxhasi." 

UKubheka ogijima namabanga ka-21km, no-10 000m, uqale ukuqeqeshwa nguMabhida ngo-2018.

UMabhida ongathandanga ukudalula ezinye izinhlelo anazo nomgijimi wakhe uKubheka, uveze ukuthi bayoyibamba emjahweni wase-India, webanga lika-60km ngoNovemba.