UNOZINTI weDurban City, uDarren Keet, obona kufanele bawunqobe umdlalo weBetway Premiership abazowudlala neSekhukhune United ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, namuhla ntambama ngemuva kokudlala ngokulingana imidlalo emibili kulandelana
Image: BACKPAGEPIX
UNOZINTI weDurban City, uDarren Keet, ubona kufanele bawunqobe nakanjani umdlalo weBetway Premiership abazowudlala neSekhukhune United ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, namuhla ngo-5.30 ntambama.
Leli qembu laseThekwini lisalokhu ligobe amadlangala ePolokwane, eLimpopo kusukela ekuqaleni kwaleli sonto njengoba ngoLwesibili lidlale nePolokwane City elibambane nayo ngo 0-0 e-Old Peter Mokaba Stadium.
ICity engakashaywa emidlalweni emine esadlaliwe yePremiership, inqobe imidlalo emibili ilandelana. Kwemibili yakamuva ilahle amaphuzu idlala ngokulingana neLamontville Golden Arrows nePolokwane City.
Izobhekana neSekhukhune esefomini kusukela kuqale le sizini nengakashaywa emidlalweni emine esadlaliwe. ISekhukhune isaqhwakele kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-10 lapho ibambene khona neKaizer Chiefs. isesicongweni ngenxa yokushaya amagoli amaningi.
“Wumdlalo onzima esizowudlala kodwa kuzomele senze konke okusemandleni ukuwunqoba, sishaye amagoli. Ngikholwa wukuthi sineqembu eliqine ngokwanele ukuthi singawunqoba lo mdlalo yize kuzoba ngonzima,” kusho uKeet, ongomunye wabadlali abanamava abasayiniswe yiCity ngaphambi kokuqala kwesizini.
Lo nozinti owayevimba kwiBafana Bafana ubona kubaluleke kakhulu ukuthi bakulwele ukuqhubeka nomgqigqo wabo wokungangenelwa ngamagoli amaningi nakuwo lo mdlalo wanamuhla.
Emidlalweni emine, iBlue Citizens isangenelwe yigoli elilodwa, okuwuphawu lokuqina kodonga lwasemuva.
“Udonga lwethu lwasemuva lusayibambe ngakho, sisavala kahle emuva nasesiswini sisakhombisa uzinzo. Bheka-ke ngoba kusenabadlali esisenabo ebhentshini abangakalitholi ithuba lokudlala.
Yebo, ukuba nodonga oluqinile yikho esizoba mandla kakhulu kukho kule sizini futhi sizoqhubeka nokudlala ibhola eliya phambili lokuhlasela kodwa futhi sibe sinozinzo odongeni lwasemuva.
Ukungehlulwa imidlalo emine kuyinto enhle eqenjini elifikayo kwiPremiership, ngakho kufanele sikulwele ukugcina lo mgqigqo omuhle esesiwuqalile.”
ISekhukhune ebisinqobe imidlalo emithathu yePremiership ilandelana, umgqigqo wayo wokunqoba kweyePremiership uphazanyiswe ngaMaZulu FC ebambane nawo ngo 1-1 ngoLwesithathu.