Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

IDurban City ithungatha umgadli ongalibheki ipali

Sibusiso Mdlalose|Published

UMQEQESHI weDurban City, uGavin Hunt, obona kubaluleke kakhulu ukuqoqa amaphuzu kusakhanya kweyeBetway Premiership

Image: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI weDurban City, uGavin Hunt, ubona kubaluleke kakhulu ukuqoqa amaphuzu kuseva ukugwema amathonsi abanzi kuleli qembu elingomakoti esigabeni seBetway Premiership. 

UHunt ukusho lokhu ngemuva kokuba iCity ibuye nephuzu elimqoka ekuhambeni ibambana ngo 0-0 nePolokwane City ngoLwesibili e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane. 

Emidlalweni emine esayidlalile iCity isabuye namaphuzu ayisishiyagalombili ngokunqoba emibili nokudlala ngokulingana kweminye emibili.

“Iqembu ngilibona lihlangana kahle futhi ngisanelisekile ngokuzinikela kwabadlali okuyinto ebalukeke kakhulu nokuyiyona engasiza iqembu ebangeni elisazohanjwa kule sizini. 

"Yebo khona sisabadinga abadlali abambalwa esizokwazi ukuqinisa ngabo iqembu kwezinye izindawo, abazokwazi ukumelana nalesi sigaba esikuso njengamanje. Sisamdinga omunye umgadli obukhali, ozokwazi ukwenza izinto zenzeke,” kusho uHunt. 

“Imvamisa amaqembu asanda kukhushulelwa kwiPremiership adonsa kanzima kodwa ngibona sisakwazile ukwenza zinto ngendlela efanele. 

"Siyazi kusazobanzima, sisazobhekana nezinselelo ngokuqhubeka kwesizini kodwa sisayibambe ngakho njengoba sisakwazile ukuthola amaphuzu sagwema nokungenelwa ngamagoli amaningi emidlalweni esasiyadlalile.

"Kubaluleke kakhulu ukwenza lokho ngalesi sikhathi sesizini ngoba ngokuqhubeka kwayo izinto ziya ngokuba nzima kakhulu,” kuqhuba uHunt.

UHunt ukhuluma ngokuthola umgadli nje, leli qembu lisashaye amagoli amane emidlalweni emine elisayidlalile kule sizini yePremiership. 

Lithembele kubagadli ababili okunguJoslin Kamatuka noJean Lwamba nomdlali wasophondweni lwesokudla uSamkelo Maseko ekulitholeleni amagoli. 

UKamatuka noMaseko basashaye igoli elilodwa ngamunye, uLwamba waseDemocratic Republic of Congo akakaliboniswa ipali emidlalweni esadlaliwe. 

Kumanje lisahlola uPhakamani “Phaka” Mahlambi, ongumgadli oliboniswayo ipali uma esefomini.

Kanti ukungenelwa yigoli kwaleli qembu emidlalweni emine esadlaliwe, kuncike kakhulu odongeni lwayo lwasemuva oluholwa ngunozinti onamava, uDarren Keet.

“UDarren ungunozinti osezingeni eliphezulu engikholwa wukuthi ukubakhona kwakhe ezintini zethu kwenza umehluko omkhulu. Unabo futhi onozinti ancintisana nabo, okuyinto ebalulekile kunozinti.”

UKeet ujoyine leli qembu laseThekwini, ngaphambi kokuqala kwale sizini esuka kwiCape Town City egawulwe yizembe kwiPremiership ngesizini edlule.

Ubanga ijezi noFredrick Asare osuka kwi-Asante Kotoko yaseGhana no-Ayanda Mtshali oyinkunzi emidwayidwa nobekhona kuleli qembu ngesizini edlule lidla isicoco seligi yeMotsepe Foundation Championship.

IBlue Citizens izodlala omunye umdlalo wePremiership wasekuhambeni neSekhukhune United ngoMgqibelo, ePeter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.