Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Abadlali abadingi ukukhuthazwa koweChiefs-Mngqithi

Sibusiso Mdlalose|Published

UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows, uManqoba Mngqithi, okholwa wukuthi akadingi ukubakhuthaza kakhulu abadlali bakhe ngobumqoka bomdlalo wabo neKaizer Chiefs kusasa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini

Image: BACKPAGEPIX

UBONA bengadingi kukhuthazwa ngobumqoka bomdlalo abazowudlala neKaizer Chiefs abadlali bakhe umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uManqoba Mngqithi, kwazise bayakwazi okufanele bakwenze.

IGolden Arrows eshayela phezulu ngemuva kokuthela othulini iMagesi FC ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesithathu, izodudulana neChiefs eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kusasa ngo-5.30 ntambama. 

La maqembu agadulisana kulo mdlalo wakusasa nje, kwemibili yeligi yangesizini edlule, iChiefs ikhale ngaphansi. 

“Angicabangi ukuthi kufanele ngibakhuthaze kangako abadlali bami ngaphambi komdlalo esizowudlala neChiefs, uma kuqhathaniswa noweMagesi okwenze ngazithola ngisebenza ngokuphindiwe nethimba lami labaqeqeshi ukubakhuthaza nokugcizelela ukubaluleka komdlalo. 

Kodwa ukudlala neChiefs kuyisikhuthazi nje kukodwa kubadlali, nokwenza umsebenzi wethu njengethimba labaqeqeshi ungabi nzima kakhulu.

Okwenzayo nje njengomqeqeshi ukulawula izinga lokuzethemba kubadlali lingabi phezulu ngokweqile, ukuze bangazitholi sebenza amaphutha ngokungalandeli imiyalelo,” kusho uMngqithi. 

“Uma ufuna ukuphumelela kwiligi kumele ugxile ekulweleni ukunqoba kula maqembu athathwa njengamancane ngoba leyo yimidlalo edinga okungaphezulu ngasohlangothini lokukhuthaza abadlali. Akungafani noma bezodlala namaqembu amakhulu oChiefs, Pirates (Orlando), Sundowns (Mamelodi). 

ISundowns amaphuzu amaningi ewaqoqile kula masizini edlule iwina izicoco zeligi yePremiership iwaqoqe kuwo la maqembu athathwa njengamancane.

Ngakho kuyangijabulisa ukuthi abafana sebeyaqala baqoqa amaphuzu ngoba lokho kuzobenza bakholwe wukuthi bazophumelela nakweminye imidlalo abasazoyidlala. Kimina into ebalulekile wukukholwa wukuthi sizophumelela,”

Abafana Bes’thende bafana neqembu elakhiwa kabusha ngenxa yokuthi basayinise abadlali abaningi abasebancane abasuka ezigabeni zama-amesha ngaphambi kokuqala kwesizini.

Emidlalweni emine yakamuva banqobe emibili, badlala ngokulingana kwemibili. Basendaweni yesihlanu kwi-log yePremiership.