UNKANYISO Zungu osanda kujoyina iMagesi FC esuka kwiPretoria Callies ebidlala kwiMotsepe Foundation Championship
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI weMagesi FC, uJohn Maduka, usekubeke ezandleni zikaNkanyiso Zungu ukusebenzisa ithuba alinikwe yileli qembu ngenxa yomlando wakhe ongemuhle wokuhluleka ukuziphatha ngaphandle kwenkundla.
UZungu (29) usayiniswe yiMagesi ngaphambi kokuqala kwale sizini esuka kwiPretoria Callies kwiMotsepe Foundation Championship.
Lo mdlali wasesiswini onekhono elingangatshazwa, waziwa ngokuthanda ubumnandi nokunyamalala izinsuku engaziwa engezi ejimini ukuzoziqeqesha.
Udlale umdlalo wakhe wokuqala kwiMagesi idlala neMamelodi Sundowns engena ngesiwombe sesibili ezakhe zihlulwa ngo 2-0 koweBetway Premiership eSeshego Stadium.
“Kade ngangimfuna uZungu, kuyangijabulisa ukuthi sengize ngaba naye lapha eqenjini. Ngimbona ezolisiza iqembu ngoba ungumdlali onekhono, ohlakaniphile. Ngakho ngikholwa wukuthi ukuba khona kwakhe eqenjini kuzokwenza umehluko omkhulu,” kusho uMaduka.
“Yebo, ngiyazi ukuthi unomlando wokungaziphathi kahle ngaphandle kwenkudla kodwa ngikholwa wukuthi wonke umuntu uyawenza amaphutha empilweni futhi uyadinga ukunikwa elinye ithuba.
"Ngizamile ukulandela ukuziphatha kwakhe eqenjini asuka kulo, iPretoria Callies, ngathola ukuthi ubeziphethe ngendlela efanele, engenzi lezi zinto akade aziwa ngazo.
"Ngakho ngikholwa wukuthi usekhulile, useyayazi into ayifunayo empilweni. Nangenkathi ngixoxa naye ngemva kokusayina kwakhe, ungithembisile ukuthi uzimisele ngokwenza kahle eqenjini, ufuna nokugeza igama lakhe njengoba abaningi bemazi njengomdali ongaziphethe kahle.
"Ngicabanga ukuthi sekusezandleni zakhe manje ukusebenzisa leli thuba anikwe lona. Mina engikufuna kuyena wukuthi enze le nto engiyifunayo enkundleni, okunye akwenzayo ngaphandle kwenkundla okwakhe ngoba mdala akasiyo ingane."
UZungu okhulele enkulisa yaMaZulu FC, waxoshwa yileli qembu ngo-2018 ngenxa yokungaziphathi kahle okubalwa kukho ukugxila ezinkambeni zikaFaro ngaphambi kokuya kwiJomo Cosmos.
Uvuke wazithatha ngenkathi esayiniswa yiStellenbosch FC ngesizini ka-2018/19, wayisiza yakhuphukela kwiPremiership idla isicoco seMotsepe Foundation Championship.
Ngemuva kokushaya into ecokeme kwiStellies, wasayiniswa yi-Orlando Pirates eyagcina imbolekisa kwiRichards Bay ngenxa yakho ukuhlupha. Nakhona kwiBay kwavuka idimoni lokuthanda impilo yobumnandi, iPirates yagcina imkhomba indlela ayangiyivuselela inkontileka yakhe.
Related Topics: