Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

UBavuma ubona amaProteas njengeqembu elisakhula

Xolile Mpisane|Published

AMA-PROTEAS nendebe ayithole ngesikhathi enqoba i-Australia ngo 2-1 ochungechungeni lwe-ODI.

Image: X / PROTEAS MEN

UKHOLWA ukuthi kusazothatha isikhathi ukuthi iqembu lihlangane ngendlela abafisa ngayo yize likwazile ukunqoba uchungechunge lwakamuva ne-Australia, ukaputeni weqembu lesizwe lekhilikithi labesilisa elidlala kuma-One Day International (ODI), uTemba Bavuma.

Leli qembu lilunqobe ngo 2-1 uchungechunge obeludlalelwa e-Australia ngokuthatha imidlalo emibili yokuqala. Kowokugcina obungeSonto, i-Australia ikwazile ukubuyisa isithunzi yawunqoba ngama-run angu-276.

UBavuma uthe bahlose ukusebenzisa lesi sikhathi ukuhlanganisa iqembu elizofika selishisa eNdebeni yoMhlaba ye-ODI ezobanjelwa kuleli ngo-2027.

Kubadlali abasha abasahlanganiswa nabanamava kubalwa uDewald Brevis, Prenelan Subrayen, Kwena Maphaka nabanye.

"Sinobuso obusha eqenjini futhi konke lokho kuyingxenye yethu yokuba kuleso sigaba sokuhlola. "Sesiqala ukubaqonda abanye abadlali, ukuthi yiziphi izindima abangazifeza eqenjini nokuthi yini abayilethayo. Sisenaso isikhathi. Kusasele iminyaka emibili futhi nakanjani asikasondeli lapho sifuna ukuba khona njengeqembu,” kusho uBavuma.

“Indlela esilusonge ngayo uchungechunge ikhombisile ukuthi asikafiki ezingeni lethu eliphezulu. Kodwa-ke lokho kuyasikhuthaza uma sicabanga ukuthi sizobe sinjani uma sesidlala ngokuphelele."

AmaProteas azodlulela e-England, lapho ezodlala khona imidlalo emithathu ye-ODI ezolandelwa emithathu yeT20.

Umdlalo wokuqala uzodlalelwa eHeadingley, eLeeds, ngoSepthemba 2, olandelayo ube seLord’s Cricket Ground, eLondon, ngoSepthemba 4, bese owokugcina uba se-Utilita Bowl, eSouthampton, ngoSepthemba 7.

“Ukunqoba kwethu uchungechunge ekuhambeni kusho lukhulu. Kuyahambisana nezinhlelo zethu zokufuna ukwakha iqembu. Sifuna ukuthuthuka kodwa futhi sifuna kube yinjwayelo ukunqoba kuzona zonke izinhlobo zekhilikithi,” uqhube kanje uBavuma.

“Sesibheke imidlalo esizoyidlala e-UK. Nalapho silindele ukudlala nabadlali abasezingeni eliphezulu futhi ibhola lisazondiza emoyeni. Kukuthina njengeqembu ukuthi siqhubeke nokuqinisa lapho kudingeka khona.”

Ngesikhathi amaProteas ne-England begcina ukudlala uchungechunge lwe-ODI e-England ngoJulayi ka-2022, lwaphela zibambene ngo 1-1. 

Iqembu lakuleli lanqoba umdlalo wokuqala ngama-run angu-62 ngaphambi kokuthi i-England ithathe owesibili ngama-run angu-118.

Owesithathu owawuzonquma ukuthi yiliphi iqembu elizodla umhlanganiso owawuseHeadingley, awuphelanga ngenxa yemvula.

Bagcina ukudlala uchungechunge lwe-ODI eNingizimu Afrika ekuqaleni kuka-2023, amaProteas anqoba ngo 2-1.