Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Akaneme owe-Orbit ngokushiya ngaphandle uSaleng kowePirates

Sibusiso Mdlalose|Published

ISETHENJWA esingukaputeni we-Orbit College, uMonnapule Saleng, esingeke sidlale uma leli qembu selibhekene ne-Orlando Pirates koweBetway Premiership namuhla ebusuku ngenxa yombandela wokubolekana kwala maqembu

Image: BACKPAGEPIX

AKENEME ngokuyodlala ne-Orlando Pirates ngaphandle komdlali wakhe omqoka uMonnapule Saleng, umqeqeshi we-Orbit College, uPogiso Makhoye.

I-Orbit izotholana phezulu nePirates emdlalweni weBetway Premiership e-Orlando Stadium, eSoweto, namuhla ngo-7.30 ebusuku.

Leli qembu laseNorth West lizodlala lo mdlalo ngaphandle kwabadlali balo abane elibabolekwe yiPirates kuze kuphele le sizini, okunguSaleng, Siyabulela Mabele, Thuso Moleleki noYanga Madiba.

Lokhu kungenxa yombandela wokubolekana ohambisana nesivumelwano, okwenza laba badlali bangadlali uma leli qembu lidlala nePirates. 

“Ngeke badlale ngenxa yesivumelwano sokubolekwa kwabo kwiPirates. Khona angeneme ngoba ngiyazi ukuthi ukuba khona kwabo emdlalweni onjengalona esizowudlala nePirates bekuzokwenza umehluko omkhulu. Akekho umqeqeshi okujabulelayo ukuya emdlalweni omqoka ngaphandle kwabadlali bakhe abamqoka, kodwa-ke umuntu akukho angakwenza, kufanele athobele umthetho. Zizobamba ezikhona,” kusho uMakhoye. 

USaleng ujoyine i-Orbit ngaphambi kokuqala kwale sizini esuka kweZimnyama kulandela imibiko yokungasahlaliseki kwakhe kuleli qembu laseSoweto. USaleng usayidlale yomithathu imidlalo yaleli qembu, wanikwa nebhande likakaputeni. 

Ujoyine leli qembu nabanye ozakwabo ababili abolekiswe nabo, uMoleleki noMadiba. Kanti uMabele ubevele ekhona ngesizini edlule.

IMswenko Boys engomakoti kwiPremiership iya kulo mdlalo wanamuhla nje ibuya esibhaxwini sika 3-0 esithole kwiSekhukhune United ngoLwesibili olwedlule. Ibisishaywa okwesibili emidlalweni emithathu esadlaliwe kule sizini esanda kuqala yePremiership. 

Kowokuvula ishaywe ngaMaZulu FC ngo 1-0, okulandelwe wukuvuka ngeSiwelele FC abayishaye ngo 1-0.

“Ngikholwa wukuthi ukuqala kwethu isizini ngemidlalo enzima njengowaMaZulu neSekhukhune, njengoba sesiyodlala nePirates manje, kwenzeke ngesikhathi esikahle isizini isaqala.

Lokho kuzosivula amehlo ngalesi sigaba esikuso manje, esihlukile kwebesidlala kusona ngesizini edlule. Sikwazi ukubona ngokushesha lapho esisaxega khona, sikwazi ukulungisa ngokushesha ukugwema emathonsi abanzi.

Ngale kwalokho, ngibona sesiya ngokuya siwubamba umgqigqo njengeqembu. Ukushaywa kwethu yiSekhukhune akusho ukuthi sekonakele kakhulu, cha. Ukuthi nje kusivule amehlo ngamaphutha okufanele siwalungise, ikakhulukazi odongeni lwethu lwasemuva ukugwema ukungenelwa ngamagoli angenasidingo emidlalweni elandelayo.

Sesibheke umdlalo olandelayo nePirates, okungumdlalo ongelula neze ikakhulukazi njengoba siyodlala neqembu elisefomini enhle muva nje elinokuzethemba okukhulu ngemuva kokufinyelela kowamanqamu weMTN8," kusho uMakhoye.

EZimnyama ezingayiqalanga kahle isizini yePremiership zishaywe imidlalo emibili ilandelana, ngeledlule zivuke zazithatha zinqoba umdlalo wazo wokuqala wesizini ngokushaya iStellenbosch FC ngo 1-0.