UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, obukeka eqongelwa yingcindezi ngemuva kokwehluleka kwezakhe kowandulela owamanqamu eMTN8 zihlulwa yi-Orlando Pirates ngoMgqibelo eLucas Moripe Stadium
Image: BACKPAGEPIX
NGEMUVA kokukhishwa yi-Orlando Pirates kowandulela owamanqamu eMTN8, umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, usole ukukhathala njengembangela yokuhlulwa kwezakhe eziqhubeke neshobolo lazo lokungenzi kahle kulo mqhudelwano.
Sekungumlando ukuthi iSundowns ishaywe ngo 4-1 sekukhahlelwa amaphenathi ngemuva kokuba umdlalo uphele zibambene ngo 1-1 kowomlenze wesibili wowandulela owamanqamu eMTN8 ngoMgqibelo eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.
Unozinti wePirates, uSipho Chaine, ube yiqhawe evimba amaphenathi amabili kulo mdlalo sekukhahlelwa amaphenathi.
“Abadlali bami bazamile kodwa kuyacaca ukuthi esikubonile enkundleni akujwayelekile uma ubheka amaphutha esibe nawo. Ngokubona kwami ukukhathala sekuthatha indawo, futhi akukona ukukhathala komzimba kodwa ukukhathala komqondo.
Ngenxa yalokhu kukhathala senze amaphutha amaningi, yingakho kungabonakalanga ukudlala kwethu ngendlela ejwayelekile.
Kuyacaca ukuthi akuyona kuphela le midlalo emibili (abayidlale nePirates) ebinzima kusukela ekuqaleni kuze kube kube sekugcineni, kodwa yingoba njengamanje asikwazi ukwenza okuningi. Kubalulekile ukuthi sikuqonde lokho,” kusho uCardoso.
“Asikadlali imidlalo eminingi, kodwa iqiniso wukuthi i-Orlando Pirates ibiphumule ngenkathi thina sidlala kwiClub World Cup.
Ngaleso sikhathi iPirates ibilungiselela ukuqala kwesizini lokho okusho ukuthi sisalele emuva kancane ngokwamalungiselelo okuqala kwesizini kunamanye amaqembu (ePremierhip).”
“Ngicabanga ukuthi sibe nemidlalo emibili efanayo, futhi iPirates idlale imidlalo emibili ngesitayela esifanayo kodwa thina asidlalanga ngendlela ebesihlele ngayo.
Kuke kwaba nezikhathi lapho khona besingcono kunePirates ngokomdlalo, nalapho khono beyingcono kunathi.
Ukudlala ngokulingana kuyona yomibili le midlalo kube ngumphumela ogculisayo, saze sagcina siya kumaphenathi.
Kuke kwaba khona nesikhathi lapho khona unozinti wePirates evimbe amabhola anzima sifikile, ekugcineni wagcina ekwazile ukuvimba amabhola ahlenge iqembu lakhe lagcina likwazile ukunqoba okuyinkomba yokuthi besifikile.”
AmaSandwana adlale kwiFifa Club World Club, e-USA, ngoJuni, aphume esigabeni samaqoqo, awangaba nesikhathi esanele njengamanje amaqembu eBetway Premiership ukulungiselela isizini.
Ukwehluleka kukaCardoso ukunqobela amaSandawana iMTN8 okuyisona sicoco esesiphunyeke leli qembu amasizini amane elandelana, kubukeka sekuqala ukumfakela ingcindezi njengoba ehlulekile ukulinqoba iCaf Champions League nangesizini edlule, okuyiyonna ayelandelwe yona ngenkathi eqashwa yileli qembu.
Leli qembu lasePitoli elisazikhotha amanxeba ngokuphuma kwiMTN8, libuyela ensimini ngomdlalo omqoka wePremiership neKaizer Chiefs ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku, eFNB Stadium, eNasrec.