Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

UMapimpi usakulungele ukufaka isandla kumaBhokobhoko

Xolile Mpisane|Published

UMDLALI wamaBhokobhoko uMakazole Mapimpi obuyiselwe eqenjini leRugby Championship.

Image: BACKPAGEPIX

USAZIMISELE ukwenza umehluko eqenjini lesizwe yize ebanga ijezi nabadlali abaningi umdlali weHollywoodbets Sharks, uMakazole Mapimpi.

Lo mdlali (35) ogijima ophikweni, ubeyingxenye yamakhempu amaBhokobhoko kusukela ekuqaleni konyaka, wadlala ngesikhathi equmba phansi i-Italy ngo 45-0 eNelson Mandela Bay Stadium, ngenyanga edlule.

Akafakwanga eqenjini eliguqiswe yi-Australia ngo 38-22 kowokuvula iRugby Championship ngoMgqibelo.

I-SA Rugby iqinisekisile ngoMsombuluko ntambama ukuthi umqeqeshi, uRassie Erasmus, umbizile lo mdlali njengoba belungiselela umdlalo wesibili ne-Australia ozoba seDHL Cape Town Stadium ngoMgqibelo ngo-5.10 ntambama kulandela ukulimala kukaKurt-Lee Arendse.

Ngesonto eledlule u-Erasmus uthe bebexhumana nabadlali abebengekho ekhempini okubalwa kubona uMapimpi, okuzokwenza kube lula njengoba esebuyiselwe eqenjini.

“Sihlezi simi ngomumo futhi siyabusebenzisa ubuchwepheshe besimanje ukuxhumana neqembu njalo uma linemihlangano ukuze sikwazi konke okwenzekayo ngaphakathi eqenjini,” kusho uMapimpi.

“IRugby Championship kuhlezi kungumqhudelwano onezinguquko. Imidlalo miningi, kudlalelwa emazweni ahlukene. Ngakho-ke kuyadingeka kwesinye isikhathi ukuthi iqembu lishintshwe. Kusazovakashelwa eNew Zealand nase- Argentina ngakho sonke kufanele sihlezi sikulungele ukudlala. Okumqoka wukuthi njalo uma iqembu likudinga ukwazi ukufika wenze konke okusemandleni akho.”

Ngaphandle kuka-Arendse olimele, abanye abadlali basophikweni ababanga ijezi kumaBhokobhoko nguCheslin Kolbe, Canan Moodie, Edwill van der Merwe, Ethan Hooker nabanye.

Nakuba uMapimpi esebuyele ekhempini yamaBhokobhoko kodwa ngeke awudlale umdlalo wangoMgqibelo ne-Australia.

U-Erasmus wenze izinguquko ezingu-10 eqenjini eliqale umdlalo obuse-Ellis Park. Abadlali abahlanu abazophinde bawuqale umdlalo ngu-Ox Nche, Malcolm Marx, Marco van Staden, Grant Williams noJesse Kriel, ozohola iqembu njengoba uSiya Kolisi esalimele.

Iqembu lamaBhokobhoko elizobhekana ne-Australia eKapa

Abazoqala: 15 Willie le Roux, 14 Canan Moodie, 13 Jesse Kriel, 12 Damian de Allende, 11 Cheslin Kolbe, 10 Handre Pollard, 9 Grant Williams, 8 Jean-Luc du Preez, 7 Franco Mostert, 6 Marco van Staden, 5 Ruan Nortje, 4 RG Snyman,3 Thomas du Toit, 2 Malcolm Marx, 1 Ox Nche.

Ebhentshini:16 Marnus van der Merwe, 17 Boan Venter, 18 Wilco Louw, 19 Eben Etzebeth, 20 Lood de Jager, 21 Kwagga Smith, 22 Cobus Reinach, 23 Sacha Feinberg-Mngomezulu.