INDUMALO ibibhalwe ebusweni babadlali bamaBhokobhoko kulandela ukunqotshwa yi-Australia emdlalweni weRugby Championship e-Ellis Park Stadium, ngoMgqibelo.
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus, ukuqinisekisile ukuthi bazokwenza izinguquko eqenjini elizodlala umdlalo wesibili ne-Australia, kulandela ukushaywa yileli qembu ngo 38-22 emdlalweni wokuvula weRugby Championship e-Ellis Park, ngoMgqibelo.
AmaBhokobhoko abehamba phambili ngo 22-0 maphakathi nesiwombe sokuqala, kwayiwa ekhefini i-Australia isiwatholile amaphuzu ayisikhombisa.
Kuthe esiwombeni sesibili iqembu lakuleli lavumela izivakashi ukuthi zizicanasele enkundleni, lagcina linqotshwe ngegebe lamaphuzu angu-16.
“Kade ngagcina ukungena esithangamini nabezindaba ngiphoxeke kangaka. Angikusho lokho ngoba sidlale kabi kodwa i-Australia idlale kahle. Kufanele siyincome ngoba isebenzile kodwa nathi siyenze yabukeka sengathi ingcono kakhulu. Bebengcono kunathi kuzona zonke izingxenye zomdlalo,” kusho u-Erasmus.
Ukunqoba kwe-Australia kuyibeke endaweni yesibili kwi-log yeRugby Championship ngamaphuzu amahlanu. Iyalingana ngamaphuzu neNew Zealand eguqise i-Argentina ngo 41-24 ekuhambeni ngoMgqibelo ebusuku.
Iqembu lika-Erasmus linengcindezi yokubuyisa izinduku njengoba lizophinde lidudulane namaWallabies eCape Town Stadium, ngoMgqibelo, ngo-5.10pm.
“Kufanele sizinuke amakhwapha thina baqeqeshi ngaphambi kokusola abadlali. Siyazi ukuthi sizogxekwa kakhulu ngaphambi kokuthi sifike emdlalweni wesibili. Ngeke sikhale ngalokho ngoba uma iqembu lenza kahle siyanconywa,” uqhube kanje u-Erasmus.
“Abadlali abazenzeli abakuthandayo enkundleni. Yithina esibabonisayo futhi esisetha isikimu. Uma kungahambanga kahle kusho ukuthi kukhona lapho singahlelanga kahle khona. Bese silikhethile iqembu elizodlala umdlalo wesibili kodwa sesizolishintsha.
"Sike saba sesimweni esifanayo lapho sanqotshwa khona yi-Australia kwase kudingeka ukuthi siyoshaya iNew Zealand. Sizimisele ukunqoba iRugby Championship. Angicabangi ukuthi sekuphelile ngathi, ziningi izinto ezisengenzeka."
Ngemuva komdlalo wesibili ne-Australia, amaBhokobhoko azobhekana nama-All Blacks kabili ekuhambeni ngoSepthemba 6 nango-13.
Related Topics: