UMGADLI weMamelodi Sundowns, u-Arthur Sales, umqeqeshi waleli qembu angafune nakuyizwa eyokuqhathaniswa kwakhe noLucas Ribeiro obeyisethenjwa saleli qembu ngesizini edlule
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, ukholwa wukuthi umgadli wakhe u-Arthur Sales ungumdlali oseqophelweni eliphezulu osazobamba iqhaza elikhulu empumelelweni yeqembu, kodwa akafuni aqhathaniswe noLucas Ribeiro okulindeleke ukuthi alishiye.
URibeiro obeyisethenjwa saleli qembu ngesizini edlule, ohlabane ngemiklomelo emithathu okungoweFootballer of the Season, Players’ Player of The Season noweBetway Premiership Top Goal Scorer, umataniswa neqembu laseQatar nelangakubo eBrazil, iFluminense.
USales, ongumkhaya kaRibeiro, kule midlalo embalwa edlule udlale endaweni obekudlala kuyona uRibeiro, ephambili ophondweni lwesokudla. Lokhu kuhumusheka ngokuthi nguyena ozovala isikhala sikaRibeiro.
“Abantu kufanele uma bebona u-Arthur Sales edlala phambili kwesokudla bambuke njengo-Arthur Sales, hhayi njengoLucas Ribeiro. Akekho oyofana noLucas Ribeiro. ULucas, uLucas, u-Arthur, u-Arthur. Bobabili banendlela yabo yokudlala ehlukile umuntu ngamunye.
U-Arthur ungumdlali oseqophelweni eliphezulu ofike eNingizimu Afrika akanganakwa ukuthi ungumdlali osezingeni. Kodwa manje abantu sebeyaqala ukubona ukuthi ungumdlali onjani. Uma ubheka izinombolo, nendlela abenomthelela ngayo eqenjini ngesizini edlule, uzobona ukuthi noma nini uma engena enkundleni ungena enze umehluko, ashaye amagoli aphinde abe nesandla kwamanye. Ngesizini edlule ubesevele ekhombisile ukuthi ungumdlali obalulekile eqenjini ngamagoli awashayile.”
USales ojoyine iSundowns ngesizini edlule esuka kwiLommel SK yaseBelgium, ushaye amagoli ayisishiyagalolunye waba ngumvusi wenyamazane kwangu-10 kuyona yonke imiqhudelwano.
Emidlalweni emithathu esadlaliwe, okubalwa noweMTN8, useyishaye kanye inethi, waba nesandla kwamabili.
Lolu nkonko lo mgadli lubalwa nabadlali okulindeleke ukuthi bathwalise kanzima i-Orlando Pirates emdlalweni wanamuhla womlenze wokuqala owandulela owamanqamu weMTN8, e-Orlando Stadium, eSoweto, ngo-3 ntambama.
Ephawula ngomdlalo wanamuhla neZimnyama, uCardoso ugcizelele ukubaluleka kokudlala imidlalo esezingeni eliphezulu isizini isaqala.
“Lo mqhudelwano weMTN8 uletha imidlalo esezingeni eliphezulu ngesikhathi lapho khona amaqembu esaqala ukuziqoqa, kuqala isizini entsha.
Ngakho kubalulekile ukubamba umgqigqo zisuka nje ukuze ufike kule midlalo (yeMTN8) ususesimeni esihle, usuyilindele inselelo.
Umdlalo esizowudlala kuzoba ngobaluleke kakhulu, okufanele abadlali uma kukhala nje impempe bakhohlwe yikho konke okunye, bagxile emdlalweni.
Sizoya e-Orlando Stadium ukuyodlalela ukuthola umphumela ozosibeka endaweni engcono emdlalweni womlenze wesibili, usibeke nasethubeni lokufinyelela kowamanqamu,” kusho uCardoso, ezakhe ezinenselelo yokuqeda ishobolo lokungenzi kahle emidlalweni yomkhumulajezi.