USIYANDA Hlangabeza waMaZulu FC obuya ekubolekisweni, uzimisele ngokulwela ukuqinisa indawo yakhe esikimini saleli qembu kule sizini
Image: BACKPAGEPIX
UBONA kumqinise ukhakhayi ukubolekiswa eqenjini ebelidlala kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule uSiyanda Hlangabeza, okhuze ibuya kuMaZulu FC ukuzolwela indawo yakhe esikimini kule sizini ka-2025/26, yeBetway Premiership.
UHlangabeza (22) odlala enkabeni yenkundla, ngomunye wabadlali abebebolekiswe ngaMaZulu kwiDurban City ebidlala kwiChampionship ngesizini edlule, ngesikhathi ilwela ukukhuphukela kwiPremiership okungunozinti u-Olwethu Mzimela nomgadli uSenzo Ndlovu.
UHlangabeza noMzimela badlalile ngesikhathi Usuthu ludlala neStellenbosch FC kowama-quarterfinal eMTN 8 ngeledlule, kanti uNdlovu uphinde wabolekiswa kwiHighbury FC edlala kwiChampionship.
“Ukubolekiswa kwami ngesizini edlule kwiNFD (Championship) kungisize kakhulu, kwangikhulisa kwabuyisa ukuzethemba kimina ngenxa yokuthi bengilithola ithuba lokudlala kwiDurban City. Manje ngizibona ngikulungele ukukhula ebholeni nokulwela indawo yami eqenjini,” kusho uHlangabeza, okhushulelwe esikimini esikhulu saMaZulu ngesizini ka-2023/24, kodwa akangalithola ijezi.
Ngemuva kokuguqiswa yiStellenbosch ngo 3-2 ngeledlule kwiMTN 8, Usuthu selubheke ukuvuka luzithathe ngomdlalo wokuvula isizini ka-2025/26 yePremiership elizowudlala ne-Orbit College ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
I-Orbit yaseNorth West, ingomakoti kwiPremiership kulandela ukukhushulelwa kwayo kwiPremiership ngokuphumelela kumaPSL Promotion Play-Offs, ilandela iCity ewine iligi yeChampionship.
UHlangabeza uke wabhekana ne-Orbit ngesizini edlule esekwiCity kwiChampionship futhi uyakwazi okufanele bakulendele kuyona yize ekuqonda ukuthi ingase ibe nezinguquko ezimbalwa ngemuva kokusayina abanye abadlali ukulungela isigaba sePremiership okubalwa kubona uMonnapule Saleng we-Orlando Pirates.
“Sidlalile kwiPremier’s Cup, sadlala nakwiMTN8 neStellenbosch noma singaphumelelanga kodwa ngikholwa wukuthi sesikulungele ukuqala kwesizini.
i-Orbit iyiqembu elilidlalayo ibhola, engingacabangi ukuthi izoshintsha kakhulu endleleni edlala ngayo ngoba isikwiPremniership. Akufanele siyithathe kancane ngoba iyiqembu elisuka kwiChampionship elizele ukuzoncintisana namaqembu adlala kwiPremiership, okusho ukuthi ngeke kube lula nje ukubhekana nayo. Kodwa sizoya kubona, kufanele silwele ukubuya namaphuzu,” kuqhuba uHlangabeza obanga ijezi noBen Motshwari noLeonardo Rooi enkabeni yenkundla.
Phakathi kwabadlali boSuthu olubasayinisile ngaphambi kokuqala kwesizini okusalindeleke babonakale njengoba kuqala isizini, kubalwa kubona umgadli, uThandolwenkosi Ngwenya, osuka kwiFC Platinum yaseZimbabwe.