Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

ISharks izohloma ngowamaJunior Boks kwiCurrie Cup

Xolile Mpisane|Published

UMDLALI wamaBhokobhoko amancane, uBathobele Hlekani, ufakiwe eqenjini leHollywoodbets Sharks XV elizodlala oweCurrie Cup neSuzuki Griquas

Image: BACKPAGEPIX

I-HOLLYWOODBETS Sharks XV ibuyise umdlali ogqame eqenjini lesizwe lika-Under-20 ngesikhathi linqoba i-World Rugby Under-20 Championship, uBathobele Hlekani, eqenjini elizobhekana neSuzuki Griquas koweCurrie Cup namuhla.

Umdlalo uzoqala ngo-3 ntambama eSuzuki Stadium, eKimberley.

UHlekani (20), wayekhona ngesikhathi iSharks idla isicoco seCurrie Cup ngesizini edlule.

Wenze ezibukwayo kumaJunior Boks abe ngompetha bomhlaba e-Italy ngenyanga edlule.

Sekuqinisekisiwe ukuthi uma kuphela inkontileka yakhe ekupheleni kwalo nyaka, uzojoyina iqembu laseGoli, iLions, kodwa okwamanje iSharks isamdinga njengoba ibheke ukuphendula amatafula kwiCurrie Cup lapho isinqotshwe khona imidlalo emithathu ilandelana.

Ivule ngesibhaxu esithole kwiLions neBulls ekuhambeni, kanti kowakamuva ewudlalele ekhaya eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, inqotshwe ngo 7-5.

UHlekani, owaziwa ngokusebenzisa amandla nokuthwala ibhola aye nalo phambili, uzoqala lo mdlalo kwi-flank.

Umqeqeshi, uJP Pietersen, uphinde wenza ezinye izinguquko phambili efaka uBryce Calvert endaweni kaJacques Marais kwi-hooker, kanti uDeon Slabbert noMatt Romao bazovala izikhala zikaCorne Rahl noTino Mavesere.

Emuva, omunye umdlali wamaJunior Boks uCeano Everson, uzongena endaweni kaBradley Davids kwi-scrumhalf, uPaschal Ekeji athathe ekaYaw Penxe ophikweni, bese uChristie Grobbelaar engenela uPhikolomzi ‘PK’ Sobahle kolunye uhlangothi.

ISharks isendaweni yesikhombisa ngephuzu emidlalweni emithathu. IGriquas ingelinye lamaqembu awuqale kahle lo mqhudelwano, nokuyibeke endaweni yesithupha ngamaphuzu angu-10 emidlalweni emithathu.

Leli qembu laseKimberley selinqobe imidlalo emibili, lahlulwa kowodwa, kanti lisele ngephuzu eqenjini eliqhwakele, i-Airlink Pumas.

 

Iqembu leSharks XV elizobhekana neGriquas

Abazoqala: 15 Jaco Williams, 14 Christie Grobbelaar, 13 Diego Apollis, 12 Marnus Potgieter, 11 Paschal Ekeji, 10 Vusi Moyo, 9 Ceano Everson, 8 Nicholas Hatton (ukaputeni), 7 Bathobele Hlekani, 6 Matt Romao, 5 Deon Slabbert, 4 Gideon Koegelenberg, 3 Lee-Marvin Mazibuko, 2 Bryce Calvert, 1 Phatu Ganyane.

Abasebentshini: 16 Willem van den Hever, 17 Simphiwe Ngobese, 18 Phiwayinkosi Kubheka, 19 Coetzee Le Roux, 20 Jannes Potgieter, 21 Tiaan Fourie, 22 Jean Smith, 23 Hakeem Kunene.