UMQEQESHI waMaZulu FC, u-Arthur Zwane, obona kuseva kakhulu ukuthi kuqale ukukhathazeka ngendlela ezakhe ezidlala ngayo kule sizini
Image: BACKPAGEPIX
UBONA kuseva kakhulu ukuthi sekungaba nokukhathazeka ngendlela iqembu elidlala ngayo umqeqeshi waMaZulu FC, u-Arthur Zwane, ezakhe eziguqiswe yiMamelodi Sundowns ngo 2-0 koweBetway Premiership ngoLwesibili, eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
AmaZulu abeze kwiSundowns ebuya ekushayeni i-Orbit College ngo 1-0 kowokuvula isizini yePremiership ngeledlule, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Yize AmaZulu eshayiwe yiSundowns kodwa okugqame kakhulu ukwehluleka kwabadlali bayo, ikakhulukazi abagadli, ukuqobela phakathi amathuba okushaya amagoli phambi kwamapali okuyinto uZwane athe basazoqhubeka nokuyilwa baze bayilungise.
“Kuseva kakhulu ukuthi sesingaqala sikhathazeke. Sisazolungisa amaphutha, sibuye. Ngalesi sikhathi sesizini uma wehluleka ukwakha amathuba okushaya amagoli, uyaqala ukhathazeke, kodwa thina siyawakha amathuba inkinga sihluleka ukuqedela umsebenzi.
"kuqedela umsebenzi phambi kwamapali kubaluleke kakhulu, yiyona nkinga esibenayo nangenkathi sidlala neStellenbosch kwiMTN8, lapho sahlulwa khona ngamathuba ayisithupha engikholwa wukuthi ukuba sakwazi ukuwaqedela sasingawunqoba lowa mdlalo.
"Kwenzeke okufanayo nakulo mdlalo weSundowns. Empeleni kusukela ngifikile kuMaZulu sesihlulwe ngendlela efanayo yiSundowns, silahla amathuba amaningi bese singenelwa ngamagoli ngemizuzu yokugcina, okuyinto esisazolokhu siqhubekile nethimba lethu ukuyilwa size siyilungise. Sinabadlali abaningi abasebancane abangakaqini ukhakhayi kodwa okufanele bakuqonde ukuthi ebholeni kunesikhathi sokukhula nesikhathi sokulwela ukuwina,” kusho uZwane, oqhube wathi ubona le sizini izoba ngenzima.
“Lena kuzoba yisizini enzima ngendlela engibona ngayo. ISundowns idlale kwiFifa Club World Cup, isazodlala neChampions League (Caf), ngakho kunesikhathi lapho khona abadlali bayo bezokhathala khona. Ngikhuluma ngento engiyaziyo njengoba nami ngike ngaba ngumdlali. Uma udlala ibhola iminyaka emine ngesivini esisodwa, uhamba amabanga amade amahora amaningi isizini nesizini, siyafika isikhathi sokukhathala.
"Ngakho kuzafonele silisebenzise lelo thuba (lokukhathala kweSundowns). Kodwa noma kunjalo iSundowns iyiqembu elisezingeni eliphezulu eNingizimu Afrika, sonke njengamaqembu ePremiership esizikala ngayo izinga lethu."
USuthu luzobuyela ensimini ngomdlalo wasekhaya neMarumo Gallants, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoLwesithathu oluzayo.
Related Topics: