ISITOBHA nokaputeni weKaizer Chiefs, u-Inacio Miguel, othi akukho emiqondweni wabo ukuziphindisela kwiPolokwane City eyabakhipha kwiTop 8 ngesizini edlule emdlaweni wanamuhla ebusuku weBetway Premiership, eFNB Stadium
Image: BACKPAGEPIX
ISITOBHA esingukaputeni weKaizer Chiefs, uMiguel Inacio, uthi ukuziphindisela kwiPolokwane City eyabaqedela amathuba okungena kwiTop 8 akukho emiqondweni yabo njengoba bezodudulana nayo ngoLwesithathu ebusuku emdlalweni weBetway Premiership.
IChiefs, evule isizini yePremiership ngonyawo oluhle iguqisa iStellenbosch FC ngo 2-0 ngeledlule, izotholana phezulu nePolokwane ngo-7.30 ebusuku, eFNB Stadium, eNasrec.
ICity yiyona eyaqeda amathemba eChiefs okuzibekisela indawo kwiTop 8 ngesizini edlule bedlala nayo ngokulingana ngo 0-0 emdlalweni wokusonga isizini yePremiership.
"Kithina lona akuwona umdlalo wokuziphindisela. Okusemqoka ukwenza okusemandleni ukuthi siwunqobe sithole amaphuzu amathathu. Ngesizini edlule asenzanga kahle, kodwa sinokuzethemba manje ngendlela esiqale ngayo emdlalweni wethu wokuqala neStellenbosch," kusho u-Inacio, okunguyena onikwe ibhande likakaputeni kule sizini.
Amakhosi azobhekana neRise And Shine ekhishwe yi-Orlando Pirates kwiMTN8, yabambana ngo 0-0 neMagesi FC ngeledlule kowokuvula wePremiership.
“Ukungangenelwa kwethu yigoli emdlalweni wokuqala wesizini kusikhombisile ukuthi singenza kangcono kunangesizini edlule ngasohlangothini lokungenelwa ngamagoli.
Ngesizini edlule emdlalweni wethu wokuqala sawina ngo 2-1 kwiMarumo (Gallants). Inselelo esesibhekene nayo manje ngeyokuthi sigcine umgqigqo wokuwina imidlalo engaphezulu kwemithathu kuya kwemihlanu,” kuqhuba u-Inacio.
Emdlalweni wanamuhla kulindeleke kubonakale okokuqala umdlali osayiniswe yileli qembu ngaphambi kokuqala kwesizini, u-Ethan Chislett, uPule Mmmodi obedonsa isigwebo sekhadi elibomvu sangesizini edlule noPaseko Mako obedlalela i-Orlando Pirates.
Related Topics: