ABADLALI bamaBhokobhoko uJesse Kriel no-Aphelele Fassi kwabanikwe ithuba lokuqala umdlalo wokuvula iRugby Championship ne-Australia ngoMgqibelo.
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus, udalule ukuthi bazoqhubeka nokusebenzisa abadlali abehlukene emidlalweni ezayo ukuze sikhule isibalo sabaseqophelweni eliphezulu abakulungele ukudlala kuzona zonke izindawo.
AmaBhokobhoko asakha iqembu elizodlala eNdebeni yoMhlaba ka-2027 njengoba esenqobe lo mqhudelwano kabili kulandelana ngo-2019 nango-2023.
U-Erasmus nethimba lakhe bazi kamhlophe ukuthi kunabadlali ababeyingxenye yaleyo mpumelelo asebehanjelwe yiminyaka, okwenza babone ukubaluleka kokuletha abasha abazoyisa iqembu phambili, kodwa futhi babagcine abayinsika yeqembu abanamava.
Lokhu kuholele ekutheni amaBhokobhoko asebenzise abadlali abangu-50 emidlalweni ayidlalile ngonyaka odlule, kanti asesebenzise inqwaba kwemine asayidlalile kulo nyaka ebhekene neBarbarians, iGeorgia ne-Italy kabili.
NgoMgqibelo azovula iRugby Championship ngokududulana ne-Australia e-Ellis Park, eGoli, ngo-5.10 ntambama.
U-Erasmus uphinde wenza izinguquko eqenjini kodwa uthe lokhu akusho ukuthi abadlali abebezilolonga neqembu kulo nyaka abangakhethwanga sebelaxaziwe.
“Sizama ukwakha isiko lokuthi ijezi ngelabadlali abathathu noma ngaphezulu. Siyethemba ukuthi uma sekuyiwa emidlalweni yomkhumulajezi eNdebeni yoMhlaba sizokwazi ukuqoka abadlali abasezingeni eliphezulu abasefomini,” kusho u-Erasmus.
“UFaf (de Klerk) akakaphumi, kanjalo noJaden (Hendrikse). Sijwayele ukuba nama-scrumhalf amane esikwatini esikhulu kodwa ukuze sikwazi ukusebenzisana nabadlali eduze sikhethe ukusinciphisa kancane isikwati.
“Uma sinemihlangano abasali oJaden, Faf, Makazole (Mapimpi), Salmaan (Moerat) nabanye. Bonke babamba iqhaza emihlanganweni ngobuchwepheshe besimanje.
"Abadlali bayaqhudelana futhi abafuni ukulidedela kalula ijezi kodwa futhi bayakuqonda ukuthi sizolishintsha iqembu. Kuzoba nemidlalo ethile lapho sizogxila khona kubadlali esibona ukuthi yibona abasefomini.”
AmaBhokobhoko ayinqobe yomine imidlalo yakamuva ayidlale ne-Australia. AmaWallabies agcina ukushaya iqembu lakuleli ngo-Agasti 2022 kowe-Rugby Championship owawudlalelwa e-Adelaide, enqoba ngo 25-17.
Related Topics: