ABADLALI abaqokelwe eqenjini lesizwe le-netball labesifazane elizobhekana neNew Zealand ne-Australia.
Image: NETBALL SA
KUBASEBENZELE ukudlala kahle kwiTelkom Netball League (TNL) ephothulwe ngenyanga edlule, abadlali abaqokelwe eqenjini lesizwe labesifazane le-netball elizobhekana neNew Zealand ne-Australia.
AmaProteas azotholana phezulu neNew Zealand ngoSepthemba 21, 24 no-28 e-Auckland, Napier nase-Invercargill.
Azobe eselubangisa e-Australia, lapho ezotholana phezulu khona nompetha bomhlaba ngo-Okthoba 4, 8 no-12 eBendigo, Wollongong nase-Adelaide.
Ukungabibikho kukaBoitumelo Mahloko, Karla Pretorius noSyntiche Kabuya kuvulele ithuba abadlali basemuva abenze ezibukwayo kwiTNL, uNozipho Nshangase, Entle Futshane noJuanita van Tonder izikhala.
Abanye abagqame kwiTNL nguKamogelo Maseko odlala phambili kwiGauteng Jaguars, nomdlali wasesiswini weGolden Fireballs, uTarle Mathe, oqokwe njengovelele esigabeni esiphezulu kwi-TNL yanonyaka.
Abanye bazofika nolwazi lokudlala phesheya okubalwa kubona uShadine van der Merwe, Khanyisa Chawane, Nicola Smith, Rolene Streutker nabanye.
“Bekufanele sibe nezivivinyo ekhempini ukuze sinikeze abadlali abebekhona ithuba lokulwela izindawo eqenjini. Ngenxa yokuthi sinabadlali abaningi abadlala phesheya besidinga ukubona ukuthi bahlangana kanjani nalaba abazinze kuleli ngaphambi kokuthatha izinqumo,” kusho umqeqeshi wamaProteas, u-Jenny van Dyk.
“Uma uzobhekana namaqembu ahamba phambili emhlabeni udinga abadlali abanamava nabakwaziyo ukulwa. Siyakholelwa eqenjini lethu. Sihlezi sidlalela ukunqoba, nakuba sazi ukuthi sizobe sidlala namaqembu aqine kakhulu.
“Kuyiqiniso ukuthi kunezindawo lapho singenabo khona abadlali abaningi kodwa sisizwa wukuthi kunabadlali abakwaziyo ukudlala ezindaweni ezehlukene. Sinazo izinhlelo zokuthi sandise isibalo sabadlali esingathembela kubona ngokuzayo."
Isikwati samaProteas esizobhekana neNew Zealand ne-Australia
Khanyisa Chawane (ukaputeni), Tarle Mathe, Owethu Ngubane, Refiloe Nketsa, Nozipho Ntshangase, Nicholé Breedt, Entle Futshane, Kamogelo Maseko, Nicola Smith, Rolene Streutker, Elmeré van der Berg, Shadine van der Merwe, Juanita van Tonder, Jamie van Wyk, Sanmarie Visser.
Related Topics: