Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

ISharks neDolphins bazodudulana kokhethekile we-T20

Xolile Mpisane|Published

UMDLALI weHollywoodbets Sharks, uPhendulani Buthelezi noweHollywoodbets Dolphins uPrenelan Subrayen.

Image: FACEBOOK/ SHARKS

ULINDELWE ngesasasa umdlalo wekhilikithi wohlobo lwe-T20 ozoba phakathi kweqembu lombhoxo laKwaZulu-Natal, iHollywoodbets Sharks, nelekhilikithi iHollywoodbets Dolphins ngeSonto.

Lo mdlalo ozoqala ngo-11am eHollywoodbets Kingsmead Stadium owaziwa ngeFin Cup, uzoba ungowesibili phakathi kwala maqembu aseKZN. 

Atholana phezulu okokuqala ngo-2015, kwanqoba iDolphins ngama-run angu-26.

"I-Fin Cup umcimbi omuhle kakhulu. Sike sayibona imidlalo efanayo esikhathini esidlule. Sithemba ukuthi abantu bazophuma ngobuningi bezobukela. Abalandeli bekhilikithi nabombhoxo bavamise ukuba ngabantu abafanayo. Kuzoba usuku oluhle ukuthi imindeni iphume iwabone womabili amaqembu," kusho ukaputeni weDolphins, uMarques Ackerman.

"Iningi labadlali beSharks bakhulu futhi banamandla, kunesizathu sokuthi badlale umbhoxo thina sidlale ikhilikithi. Kuzoba wumdlalo odlalwa ngomoya wobumnandi nokuzwana phakathi kwamaqembu amabili amele iKwaZulu-Natal futhi ngiyethemba ukuthi sizokwenza esidume ngakho enkundleni."

Yize iDolphins ithwelwe ngeqoma njengoba izobe idlala umdlalo ewujwayele, iSharks nayo izobe ibophele abadlali abenza kahle kwikhilikithi esikoleni okubalwa kubona uNick Hatton, Aphelele Fassi nabanye.

“Sinabadlali abambalwa eqenjini lethu abakhula beyidlala ikhilikithi kodwa kwadingeka ukuthi bakhethe ukuthi yimuphi umdlalo abazogxila kuwona uma sebeqede isikole. Ngicabanga ukuthi bazolithokozela ithuba lokudlala eKingsmead neDolphins,” usho kanje umdlali weSharks uPhendulani “Phepsi” Buthelezi ngesikhathi kwethulwa lo mdlalo.

“Siyazi ukuthi iDolphins iyiqembu eselinqobe okuningi futhi elidlala kahle. Njengomuntu waKwaZulu-Natal ngiyalilandela futhi ngiyalithanda leli qembu.”

ISharks izophinde ikhuthazwe wukuthi ngesikhathi amaBhokobhoko edudulana namaProteas kweye-T20 eminyakeni edlule, iqembu lombhoxo lanqoba imidlalo emibili, lahlulwa kanye.

Amathikithi adayiswa ku-TicketPro nakuma-website eSharks neDolphins.