Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

URabada ubheke umgqigqo omusha kweyeT20 ne-Australia

Xolile Mpisane|Published

UFUNA ukubuya ngomfutho kweyeT20 ne-Australia umshwibi wamaProteas, uKagiso Rabada, obephunyuziwe kusukela ngoJuni.

Image: BACKPAGEPIX

UFUNA iqembu likhuphule izinga emidlalweni yekhilikithi yama-over akaliwe kulandela ukunqoba isicoco se-ICC World Test Championship ngoJuni umshwibi wamaProteas, uKagiso Rabada.

AmaProteas anqobe i-Australia kowamanqamu weTest eLord’s Cricket Ground, azobhekana nalo leli qembu kwemithathu yeT20, nemithathu yama-One Day Internationals (ODI).

Owokuqala weT20 uzobanjelwa eTIO Stadium, eDarwin, e-Australia, kusasa ngo-11.15am.

Owesibili uzodlalelwa kuyona le nkundla ngoLwesibili, owokugcina udlalelwe eCazalys Stadium, eCairns, ngoMgqibelo ozayo.

URabada (30) uthe kuningi okuhle abangakuthatha ekunqobeni isicoco se-Test, kodwa sekufanele bagxile emidlalweni ezayo.

“Bekusho lukhulu kithina ukunqoba iTest Championship, sesikhulume kaningi ngakho, sekuyisikhathi sokubheka phambili,” kusho uRabada.

“Kuwethulile umthwalo obuwusemahlombe ethu kodwa manje sesibheke ukulungiselela iNdebe yoMhlaba yeT20. Ngicabanga ukuthi sizofika kuyona ngomqondo ohlukile, singasenalo uvalo.”

Imidlalo yeT20 izolandelwa emithathu ye-ODI ezoqala ngo-Agasti 19, isongwe ngo-Agasti 24.

Lolu chungechunge luyingxenye yamalungiselelo eNdebe yoMhlaba yeT20 ezobanjelwa e-India naseSri Lanka ngoFebhuwari kuya kuMashi ngonyaka ozayo, neyoMhlaba ye-ODI ezodlalelwa kuleli ngo-2027.

URabada, u-Aiden Markram nabanye abadlali abebephunyuziwe ngesikhathi amaProteas edlala uchungechunge lweT20 neZimbabwe kanye neNew Zealand ngenyanga edlule, kubhekwe ukuthi bahlangane kahle nabadlali abasebancane abagqamile kulo mqhudelwano obuseZimbabwe.

“Ngicabanga ukuthi imidlalo yethu ne-Australia ihlezi inesasasa. Kudlalwa ikhilikithi esezingeni eliphezulu futhi kusuke kuboshelwe abadlali abahamba phambili. Uma sibhekene ne-Australia siyazi ukuthi kuba nzima kangakanani ngoba ihlezi isijulukisa, nokuyinto esiyithokozelayo,” uqhube kanje uRabada.

“Uma singaphandle kwenkundla siyaxhumana ngendlela ejwayelekile kodwa kuyashintsha konke lokho uma sesisenkundleni. Sinabadlali abasebancane abaseqenjini abalambele ukukhombisa amakhono abo. Sifuna ukubona ukuthi sikuphi njengeqembu. Akuyona imfihlo ukuthhi sibheka isizukulwane esisha esizoqhubekela phambili. 

“Abadlali abanamava njengami, u-Aiden nabanye yibona okufanele bacathulise laba abasanda kuqala ukudlala eqenjini lesizwe. Lona wumsebenzi esiwuthokozelayo.”

Iqembu lamaProteas le-T20 lisaqhubeka nokuholwa nguMarkram, kanti ele-ODI lizobe liholwa nguTemba Bavuma.