Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

UNtseki ubona iBafana isayibambe ngohlelo kwiChan

Sibusiso Mdlalose|Published

UKEAGAN Dolly ongomunye wabadlali weBafana Bafana abayibambe kwi-African Nations Championships (Chan) eqhubekayo nenenselelo yokwedlula esigabeni samaqoqo

Image: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI weBafana Bafana, uMolefi Ntseki, ufisa kusheshe kuphele ukukhathala kubadlali bakhe ukuze bezokwazi ukumelana nomdlalo wangoLwesihlanu abazowudlala neNiger kulandela kokugaduliswa kanzima yiGuinea ngoMsombuluko kowesigaba samaqoqo we-African Nations Championships (Chan). 

IBafana inqobe kunzima ngo 2-1 kwiGuinea emdlalweni kaGroup C weChan eMandela National Stadium, eKampala, e-Uganda.

“Umqeqeshi wethu osebenza ngokuba qatha kwabadlali nethimba lezempilo kuzodingeka balekelele abadlali bethu ukuqinisekisa ukuthi baba sesimeni esikahle semizimba ngemuva kokubhekana neqembu elinzima, elibagijimise kakhulu. 

Ngenxa yobunzima ebesibhekane nabo kwiGuinea, obekubaluleke kakhulu wukuthi sishaye amagoli siwine, okuyinto esijabulisayo ukuthi sigcine sikwazile ukuyenza,” kusho uNtseki.

Leli qembu leBafana eliyibambe kwiChan edlalelwa emazweni amathathu okuyiTanzania, iKenya ne-Uganda, libunjwe ngabadlali abaningi abangenawo amaqembu kwiBetway Premiership. Lokhu kusho ukuthi iningi labo alikho qhatha ngokwanele ekuhambeni ibanga elinde kulo mqhudelwano. 

IBafana esendaweni yesithathu kuGroup C ngamaphuzu amane emidlalweni emibili, idinga amaphuzu ayisithupha emidlaweni emibili esele ukuze idlulele kuma-quarterfinal. 

Emuva komdlalo neNiger, iBafana izogadulisana ne-Uganda ngoMsombuluko. 

Abafana bakaNtseki bavule iChan ngokudlala ngokulingana ngo 1-1 ne-Algeria ngoLwesihlanu. Lokhu kuyifakele ingcindezi yokuthi banqobe ngoLwesibili koweGuinea ukuze bezozibeka ethubeni elingcono lokwedlulela kuma-quarterfinal. 

“Usemkhulu umsebenzi osasihlalele. Sinomdlalo obalulekile ngoLwesihlanu, ngakho asifuni ukulahla amaphuzu ngoba lokho kungasifakela ingcindezi. La maphuzu amane esesinawo manje asenza sibe nokuzethemba nokuthi sizibone ukuthi sisayibambe ngakho,” kuqhuba uNtseki. 

IBafana ayikaze iyinqobe iChan selokhu yasungulwa ngo-2009.