UMDLALI wasemuva kwiKaizer Chiefs, u-Aden McCarthy, oshaye into ecokeme ngesikhathi leli qembu lidlala neStellenbosch FC koweBetway Premiership ngempelasonto
Image: BACKPAGEPIX
OYIPHINI lomqeqeshi weKaizer Chiefs, uKhalil Ben Youssef, uveza ukuthi kungenye yezinto eziseqhulwini kubona njengethimba labaqeqeshi ukunika ithuba abadlali abasebancane abasuka enkulisa.
Esikimini seChiefs sangeSonto idlala neStellenbosch FC koweBetway Premiership ewunqobe ngo 2-0 e-Athlone Stadium, eKapa, ibishaya ngabadlali abathathu abasuka kweseDStv Diski Challenge okungu-Aden McCarthy noNaledi Hlongwane ababesenkundleni noThulani Mabaso obesebhentshini.
Kulaba badlali nguMcCarthy kuphela othole isikimu ngesizini edlule njengoba uHlongwane edlale okokuqala esikimini esikhulu ngeSonto.
UMcCarthy oyindodana kaFabian McCarthy oyinkakha yeChiefs, ushaye into ecokeme koweStellenbosch ngeSonto, waze waqokwa njengomdlali ovelele.
“Ngenkathi sijoyina iKaizer Chiefs ngaphambi kokuqala kwesizini edlule, zimbili izinto esazixoxa siyithimba labaqeqeshi. Okokuqala wukubuyisa udumo nesithunzi seKaizer Chiefs ngoba ingelinye lamaqembu amakhulu e-Afrika, kumele siwine izindebe sidlale, sibuyele emiqhudelwaneni yeCaf, okuyinto esikwazile ukuyenza ngesizini edlule (ngokuwina iNedbank Cup).
Okwesibili kube wukubeka phambili abadlali beqembu leDDC, ukuthi bathole ithuba lokudlala.
Kithina akusho lutho ukuthi umdlali uneminyaka emingaki, inqobo nje uma sibona ukuthi ukulungele ukudlala esikimini esikhulu kufanele anikwe ithuba,” kusho uBen Youssef.
Ukwenza kahle kukaMcCarthy kubukeka kuzoba yisikhuthazi kwabanye ozakwabo okubalwa kubona uHlongwane, uMabaso noKabelo Nkgweswa, yena obengekho eqenjini elidlale ngeSonto.
“U-Aden ubenathi esikimini elikhulu ngesizini edlule, uziqeqeshe nathi isizini iqala, udlale imidlalo embalwa. Ngenkathi sisekhempini yokulungiselela isizini, eNertherlands, ungomunye wabadlali bethu abadlale kahle. Ngakho ukumnika kwethu ithuba akukona ukumenzela nje ufefe, kodwa yingoba kumfanele ukudlala, futhi ngikholwa wukuthi ukudlala kahle kwakhe kuzokhuthaza nabanye ozakwabo abangakalitholi ithuba.”
Lo mqeqeshi udalule ukuthi ukungalungi ngokushesha kwamaphepha nezinvume zokusebenza eMzansi yisona isizathu esiholele ekutheni bangabonakali abanye babadlali abasanda kubasayinisa okubalwa kubona uFlavio Silva, u-Ethan Chislett noNkanyiso Shinga.
USilva usuka kwiPersebaya yase-Indonesia, uChislett usuka kwiPort Vale yase-England, kanti uShinga usuka kwi-Alverca yasePortugal.
Amakhosi azodlala nePolokwane City kowePremiership kusasa ngo-7.30 ebusuku, eFNB Stadium, eNasrec.