UKAPUTENI wamaBhokobhoko uSiya Kolisi ozoqala kunombolo-8 kowokuvula iRugby Championship ne-Australia ngoMgqibelo ntambama.
Image: BACKPAGEPIX
UCHAZE ngokuholele ekutheni alithake ngendlela ehlukile iqembu elizobhekana ne-Australia emdlalweni wokuvula iRugby Championship umqeqeshi wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus.
Iqembu lakuleli lizodudulana neWallabies e-Ellis Park Stadium, eGoli, ngoMgqibelo ngo-5.10pm.
AmaBhokobhoko avule isizini ka-2025 ngokuqumba phansi amaBarbarians ngo 54-7 kowokungcweka owawuseKapa ngoJuni.
NgoJulayi aqumbe phansi i-Italy kabili, eyinqoba ngo 42-24 no 45-0, ngaphambi kokuguqisa iGeorgia ngo 55-10.
Ngesikhathi ememezela iqembu elizovula ne-Australia, u-Erasmus ufake ukaputeni uSiya Kolisi kunombolo-8, esikhundleni sendawo ajwayele ukudlala khona eqenjini lesizwe okungunombolo-6.
Uzobe engaqali ukudlala kule ndawo, kwazise umqeqeshi weHollywoodbets Sharks, uJohn Plumtree, umsebenzisile kuyona kwi-United Rugby Championship ngesizini edlule.
Ngenyanga edlule, u-Erasmus uthe bona beyithimba labaqeqeshi bamaBhokobhoko babona uKolisi ekulungele ukugxila kwi-flank, kunombolo-6, kodwa kubukeka sebeshintshile.
“Siwushintshile umqondo lapho. Ngesikhathi sizilolonga silungiselela umdlalo sibonile ukuthi uSiya uthola ithuba lokudlala uma kune-scrum, nokuyinto eyenzeka izikhawu ezingu-13 noma ezingu-14 emdlalweni. Sibonile ukuthi angathola ithuba elithe xaxa lokubamba ibhola emdlalweni ovulekile,” kusho u-Erasmus.
“I-Australia iyingozi enkulu uma kubangwa ibhola kuma-breakdown. UPieter-Steph (du Toit), uMarco (van Staden) kanye noSiya baqinile lapho.”
U-Erasmus ukhethe ukuqalisa uMannie Libbok kwi-flyhalf, kanti ebhentshini ufake uDamian Willemse ukuthi angene uma kunesidingo, aphinde abheke nakwi-fullback.
Uthe kungenzeka ukuthhi uSacha Feinberg-Mngomezulu, uHandre Pollard noMorne van den Berg, odlala kwi-scrumhalf, babonakale emdlalweni wesibili ozobanjelwa eKapa.
Uthe kusengenzeka benze izinguquko ebhentshini ngokuhamba kwesonto uma i-Australia ilithaka ngendlela ehlukile iqembu layo.
Iqembu lamaBhokobhoko elizobhekana ne-Australia
Abazoqala: 15 Aphelele Fassi, 14 Edwill van der Merwe, 13 Jesse Kriel, 12 Andre Esterhuizen, 11 Kurt-Lee Arendse, 10 Manie Libbok, 9 Grant Williams, 8 Siya Kolisi (captain), 7 Pieter-Steph du Toit , 6 Marco van Staden, 5 Lood de Jager, 4 Eben Etzebeth, 3 Wilco Louw, 2 Malcolm Marx, 1 Ox Nche.
Abasebhentshini: 16 Bongi Mbonambi, 17 Jan-Hendrik Wessels, 18 Asenathi Ntlabakanye, 19 Franco Mostert, 20 Kwagga Smith, 21 Cobus Reinach, 22 Canan Moodie, 23 Damian Willemse.
Related Topics: