Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

AmaBhokobhoko esifazane aseyilungele iNdebe yoMhlaba #Imbokodo #Intandokazi

Xolile Mpisane|Published

UKAPUTENI wamaBhokobhoko esifazane uNolusindiso Booi.

Image: X / WOMEN BOKS

UKHOLWA wukuthi iqembu ngeke lihaqwe wuvalo uma selidlala eNdebeni yoMhlaba yanonyaka ukaputeni wamaBhokobhoko esifazane, uNolusindiso Booi.

Lo mqhudelwano ozobanjelwa e-England uzoqala ngo-Agasti 22 usongwe ngoSepthemba 27.

Ngempelasonto umqeqeshi uSwys de Bruin umemezele iqembu labadlali abangu-32 elizofulathela leli ngoLwesine ntambama.

Kulona kunabadlali abangu-19 asebeke badlala kulo mqhudelwano phambilini, okubalwa kubona abangu-11 baphambili nabayisishiyagalombili basemuva.

Bonke abaqokiwe sebeke balithola ithuba lokudlala imidlalo enzima kulo nyaka njengoba AmaBhokobhoko ezwene amandla neSpain ngo-Ephreli, adlala kwi-Rugby Africa Women’s Cup ngoJuni, aphinde atholana phezulu neCanada kanye neNew Zealand ngoJulayi nakwephezulu.

“Kuyangijabulisa ukuthi ngiyingxenye yeqembu njengoba wonke umuntu ubekhathazekile ngokuqokwa kwazise besineqembu elikhulu elinabadlali abaningi abanekhono. Amalungiselelo kumele anyukele ezingeni eliphezulu kakhulu manje nakuba kade saqala ukusebenza kanzima,” kusho uBooi.

“Kade siwulungiselela lo mqhudelwano futhi sidlale imidlalo eminingi phambi kwenqwaba yabalandeli. Abanye abadlali bayaye bashaywe wuvalo uma bedlala kuleli zinga. Engingakusho kubona wukuthi kumele baphume bajabulele yonke into ngoba ukudlala eNdebeni yoMhlaba kuyinto ekhethekile.

“Kuyinto okumele umdlali ngamunye ayithokozele, azi ukuthi akayele ukuyozidlalela yena kuphela, kodwa uzobe emele izwe lonke.”

AmaBhokobhoko azoqala lo mqhudelwano kuPool D ehambisana neBrazil, France ne-Italy.

Azobe edlala okwesihlanu eNdebeni yoMhlaba njengoba ayekhona kulo mqhudelwano ngo-2006, 2010, 2014 nango-2022.

Azovula neBrazil eNorthampton ngo-Agasti 24, alandelise nge-Italy eYork ngo-Agasti 31, ngaphambi kokuvala isigaba samaqoqo neFrance eNorthampton ngoSepthemba 7. UBooi uthe sekufanele bagxile kakhulu kule midlalo ezayo.

“Konke kumele kuqale manje ngoba kumele sihlaziye amaqembu esizodlala nawo ukuze sibone ukuthi aqine kuphi nalapho ebuthaka khona. Nakuba singakafiki e-England kodwa sekufanele siqale manje ukulungisa imiqondo yethu, sigxile kulokho esifuna ukukuzuza njengeqembu,” usho kanje.

Isikwati samaBhokobhoko esifazane seNdebe yoMhlaba

Abaphambili: Sanelisiwe Charlie, Yonela Ngxingolo, Anathi Qolo, Vainah Ubisi, Lerato Makua, Sizophila Solontsi, Faith Tshauke (Bulls Daisies); Xoliswa Khuzwayo (Lions Women); Nombuyekezo Mdliki (Border Ladies); Micke Gunter (Leicester Tigers Women, England); Luchell Hanekom, Nolusindiso Booi, Nomsa Mokwai (DHL Western Province); Danelle Lochner (Harlequins Women); Aseza Hele (Sanlam Boland Dames); Babalwa Latsha, Lindelwa Gwala, Catha Jacobs, Sinazo Mcatshulwa (abangenamaqembu).

Abasemuva: Unam Tose, Libbie Janse van Rensburg, Zintle Mpupha, Chumisa Qawe, Jakkie Cilliers, Ayanda Malinga, Byrhandré Dolf (Bulls Daisies); Tayla Kinsey, Mary Zulu (Sharks Women); Aphiwe Ngwevu, Eloise Webb (Border Ladies); Maceala Samboya (Sanlam Boland Dames); Nadine Roos (ongenaqembu).